Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ulibangise e-Europe uXulu weBafana Bafana

Ulibangise e-Europe uXulu weBafana Bafana

by | 6 May 2025


NGUSIYANDA “Magazi” Xulu ongumdlali weBafana Bafana nomphathi wakhe uLebohang “Guluva” Mashishi



ULIBHEKISE e-Europe umdlali weqembu lesizwe lakukeli iBafana Bafana obengasenamsebenzi ngemuva kokugqabula ifindo lo mshado neSuperSport United ngesizini edlule.


ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi uSiyanda “Magazi” Xulu odlala emuva kwiBafana usendleleni ebheke eRomania, lapho eyohlolwa khona ngamakilabhu amabili akhona.


Izindaba zokuhamba kwalo mdlali ziqinisekiswe ngumphathi wakhe uLebohang “Guluva” Mashishi.

“Yebo yiqiniso ukuthi usendleleni ebheke eRomania, usuke kuleli izolo ebusuku. Ngisanda kukhuluma naye usaseNetherlands, ulinde ukugibela bese eya eRomania. Kunamakilabhu amabili akhona acele ukuzombonela eduze kwazise kade agcina ukudlala.

“Okwamanje ngeke ngikwazi ukuwadalula la makilabhu ngoba kusaxoxwa, kodwa kona kuyathembisa. Uma konke kuhambe, kahle uzonikwa inkontileka emfushane ezophela ngoZibandlela (December), enesivumelwano sokuyelula,” kusho uMashishi.

Ezisematheni

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine. Lezi zindaba zivele kwingqungquthela...

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

ABAHLALA emgaqweni bakhala ngokushaywa amaphoyisa kaMasipala weTheku ngisho bengenze lutho uma ebafica belele emgaqweni yize kwaziwa ukuthi abanazo izindawo zokuhlala. Lokhu bakuveze esikhungweni esibabhekelela ngokudla nezinye izidingo iDenis Hurley, eThekwini...

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

KALIKHO iqembu elizowina udede, liphathe lodwa kuMasipala weTheku okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kuvezwe wucwaningo oluqhutshwa yiMark Data Poll, olucwaninga ngemiphumela yalolu khetho komasipala abahlukene. Ucwaningo...