Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Umsubathi wasoLundi ubonga ukubuya komjaho wangakubo

Umsubathi wasoLundi ubonga ukubuya komjaho wangakubo

by | 14 April 2026

UBONGIWE Mwelase wasoLundi oneminyaka ewu-50 ubudala ukushayele ihlombe ukukhuza ibuya kweZululand District Marathon (ZDM) ezokuba ngeSonto isukela oLundi isongwe KwaNongoma.

Ukubuya kwalo mjaho kujabulise abasubathi abaningi ikakhulukazi baseZululand obekuphoqeka ukuba bakhokhe eningi imali bezama ukwenza izikhathi zokubamba iqhaza kwiComrades Marathon. UBongiwe ogijimela uLundi Striders, utshele ILANGA ukuthi uthokoze kakhulu ngokuba khona kwalo mjaho lapho ehlala khona.

Uthi okunye okumjabulisa kakhulu wukuthi kulo nyaka uya kwiComrades Marathon yakhe yesibili. Uthi ulande iBack to Back medal (uma ugijima iComrades okwesibili iminyaka ilandelana uthola izindondo ezimbili).

“Ukugijima yinto engikhule ngiyenza. Bekuthi ngemuva kokuthola izingane, ngikhuluphale. Ukulwa nalokho bengiye ngiye kogijima ukugcina umzimba wami usesemweni esikahle. Kuthe ngolunye usuku ngizigijimela, ngahlangana nobhuti wakwamakhelwane wathi angize kobajoyina ejimini yabo. Yilapho ngigqugquzelwe khona ukuba ngenze iMarathon.

“Ngayenza kwathi nyakenye ngenza iComrades Marathon yami yami yokuqala. Ukwenza isikhathi sokubamba iqhaza kuyona, ngaya eRichards Baya naseThekwini kwiBest of the Best. Yize sengisenzile isikhathi kodwa amalungiselelo eComrades asaqhubeka.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi ngeSonto ngizokube ngiyingxenye yeZDM. Njengoba inyuka iComrades, ngicabanga ukuthi lo mjaho uzongisiza kakhulu ngoba nawo uyenyukela. Ngibonga kakhulu nokweseka engikuthola kubasubathi basoLundi ukuzilungiselela imijaho yami.

“Ngiyafisa ukuba lo mjaho uhlale ukhona minyaka yonke. Baningi abagijimi abakhona lapha oLundi abazosizakala ngawo. Ngingajabula kakhulu uma ngingenza isikhathi esiwu-5:30. Uma senzekile, noma kanjani ngizokwazi ukuqeda iComrades,” kusho uBongiwe.

Abafuna ukungenala lo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.webtickets.co.za noma www.finishtime.co.za. Abagijimi baseZululand bafake isicelo kwimeya yaseZululand ukuba ifake imiklomelo yabasubathi baseZululand, njengoba kwenzeka kweminye imijaho yomasipala.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...