
LISEKUBHACENI iphoyisa elisembangweni wesidumbu senkosikazi yalo edutshulwe yabulawa ngenyanga eyedlule, nabasekhweni. ILANGA lithole ukuthi Sgt Mndeni Mzila (46), obeshadelwe nguNkk Gugu Mzila, basePinetown, abanezingane ezintathu, bebesezinhlelweni zokwehlukanisa, sebehlala ngokwehlukana.
Kubikwa ukuthi isidumbu sikaNkk Mzila naye owayeyiphoyisa, kodwa obesesebenza kwaRoad Accident Fund, sesihlale emakhazeni isikhathi esingaphezulu kwamasonto amathathu, kusukela ngomhla ka-26 kuNhlolanja (February). UNkk Mzila wadutshulwa, wabulawa ngabantu abangaziwa, esanda kufika emzini kanina ose-Oakford, ngaseVerulam, eNdwedwe, ngezikhathi zasemini, ehambisa ukudla.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi ehlisa ukudla, kwaqhamuka amadoda angaziwa angena naye endlini, amdubula phambi kukanina, washonela khona lapho. ILANGA likhulume noSgt Mzila okuqinisekisile ukuthi usekubhaceni, kodwa wacela ukuthi kuthintwe umfowabo, wathi ngeke akwazi ukukhuluma ngalolu daba.
Okhulumela umndeni, uMnu Sbonelo Mzila, ukuqinisekisile ukuthi umfowabo nomufi bese besezinhlelweni zokwehlukanisa umshado wabo. Uthe umshado wabo ubunezinselelo njengayo yonke imishado.
“Kuze kwafika la behlala khona ngokwehlukana, bese kunesicelo sedivozi, njengoba sazi ukuthi izinkinga ziba khona kuyona yonke imindeni. Indlela adlule ngayo umakoti, siyayiqala kwaMzila, isethusile futhi isiphatha kabi. Uma kunezimo ezikanje, kuyaziwa ukuthi kuqale kusolwe lowo ashade naye ngenxa yendlela alimale ngayo umufi. Umfowethu njengoba esekubhaceni, yingoba inkosikazi yakhe ihambe ngale ndlela,” esho.
UMzila ukuqinisekisile ukuthi udaba lwabo lusenkantolo, kubangwa isidumbu. Uthi basalinde inkantolo kube yiyona ezoxazulula lolu daba, njengoba umfowabo ebangiswa ngabasekhweni lakhe ngesidumbu somkakhe. Uthi namanje akukaziwa ukuthi bazofihla nini.
“Injongo yethu wukuthi udadewethu afihlwe ngesizotha, kungabhekwa ukuthi ngubani ongafuni omunye,” esho.
Uthi akukho abangakuzamanga ukuthi kufihlwe uNkk Mzila, kepha bekunezicelo ezifakwayo zasenkantolo, zokuthi angaqale angcwatshwe. Uthi abomndeni wakubo kamakoti kasikho isizathu abasibekayo sokuthi kungani bengafuni kungcwatshwe.
“Sisalinde ukuthi kuhlalwe phansi, bachaze ukuthi inkinga ikuphi, njengoba sesize saphindela enkantolo izikhawu ezintathu. Sifisa igama lethu ligezeke singabakwaMzila, abenzi bobubi babanjwe,” esho.
Imizamo yeLANGA yokuthola ukuphawula kwabasekhweni lakwaMzila kayiphumelelanga, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.






