Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umnqamulajuqu wokubhaliswa kwemishado yesintu

Umnqamulajuqu wokubhaliswa kwemishado yesintu

by | 17 July 2026

BANIKWE umnqamulajuqu wokuphela kwenyanga ezayo ukuba bayobhalisa ngokusemthethweni imishado yabo kwaNdabazabantu, abakuleli abashade imishado yesintu.

Lokhu kuvezwe wuMnyango wezaseKhaya, othi yonke imishado yesintu engaphansi komthetho i-African Customary Marriage Act ka-1998, kumele ibe isibhaliswe ngokusemthethweni ngomhla
ka-31 ku-August nonyaka. Lo mnyango uthi kubaluleke ukubhaliswa kwale mishado.

“Ukubhaliswa kwayo kubaluleke kakhulu ngoba kwenza kube lula ukuthi kulandelwe zonke izindlela zomthetho, (abaganene) bathole namaphepha afanele afana nesitifiketi somshado nokunye. Kuyiqiniso ukuthi imishado yesintu isemthethweni uma kulandelwe yonke imigudu efanele, kodwa noma isemthethweni, isuke ingabhalisiwe,” kusho umnyango.

Uthi abafisa ukubhalisa imishado yabo, kumele baye emahhovisi omnyango wezasekhaya, behamba nofakazi basemindenini yomibili. Kumele baphathe omazizi, izivumelwano zamalobolo (uma zikhona), bagcwalise iphepha i-BI-1699, bese behlinzeka ngezizathu ezaholela ekutheni bangayibhalisi imishado yabo phambilini.

Udaba lwemishado yesintu luke lwaba sematheni ngasekuqaleni konyaka, ngesikhathi iNkantolo yoMthethosisekelo inquma ukuthi umshado wesintu, uwumshado ohlanganisa amafa. Kuleso sinqumo, yaveza ukuthi umuntu oselobolile ngisho ngabe akakaqedi, uthathwa njengoseshade umshado wesintu.

Kwaphinde kwavela kulesi sinqumo ukuthi phambi komthetho, umshado wesintu uyalingana nomshado omhlophe. Lesi sinqumo sashayelwa kakhulu ihlombe yizakhamizi zakuleli, okubalwa kuzona izazi zomthetho nezamasiko.

Isazi samasiko uSolwazi Jabulani Maphalala, satshela leli phephandaba ukuthi lesi sinqumo sekunesikhathi eside silindelwe. Wathi lesi sinqumo sizoba wusizo olukhulu, njengoba sizolekelela ekuqinisekiseni ukugcinwa kwamasiko esintu.

Ezisematheni

I-DA iphonsa ithawula ngomasipala abakhulu eGauteng

I-DA iphonsa ithawula ngomasipala abakhulu eGauteng

I-DEMOCRATIC Alliance ithi ikulungele ukuba yiqembu eliphikisayo komasipala engatholanga kubona amavoti enele ukuphatha ngokuzimela okhethweni lohulumeni basekhaya, obelusekuqaleni kwale nyanga. Lokhu kushiwo nguNkk Hellen Zille (osesithombeni), iDA ebifolosa ngaye...

Amatomu asekwi-ANC ngobuholi bukaMasipala weTheku

Amatomu asekwi-ANC ngobuholi bukaMasipala weTheku

SELIDUMELA emasumpeni ngezingxoxo zokwakha uhulumeni wenhlanganisela eThekwini. Kusasa ngoLwesibili kuzobe kufungiswa amakhansela awu-223, azoba yingxenye yalo mkhandlu, bese kuqokwa izikhulu zawo okuyimeya, yiphini lemeya nosomlomo. Kusukela kuqale izingxoxo...

INkosi Albert Luthuli yachazeka ngoPhumzile Mlambo-Ngcuka

INkosi Albert Luthuli yachazeka ngoPhumzile Mlambo-Ngcuka

UMENGAMELI we-African National Congress (ANC), owaba ngowukuqala e-Afrika ukuklonyeliswa ngendondo yeNoble Peace Prize, iNkosi u-Albert Luthuli, ngo-1962 kuthiwa wake wavakashela umuzi kaMnu Michael Boy Mlambo, owayenguthisha eClermont, entshonalanga yeTheku. UMlambo...