
SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke zokulungela ukubhekana nezivivinyo.
Uthe kulo nyaka bawu-982 000 abafundi bakamatikuletsheni abazobhala, okuyisibalo esenyuke ngo-48 700 wabafundi. Utshele abezindaba ukuthi emlandweni waseNingizimu Afrika, akukaze kufikwe kulesi sibalo.
“Sijabule kakhulu ngokwanda kwesibalo sabantwana abafike kulesi sigaba njengoba beqale imfundo yabo ngo-2015, okuthe ngokuhamba kwesikhathi baphazamiseka ngokubheduka kokhuvethe ezweni. Sesikulungele ukuba kubhalwe ngokuthula,” kusho uNkz Gwarube.
Uthe ziwu-7000 izikhungo okuzobhalelwa kuzona kuzwelonke kanti okuzomakelwa kuzona ziwu-189. Uveze ukuthi bezikhona izinhlelo zokulekela izifunda zonke eziwu-75 kuzwelonke, ngenhloso yokuthi zenze kahle.
Uthe izinsiza zokubhala zabafundi okungamaphepha zigcinwe ezikhungweni eziwu-84 ezweni lonke.
“Izifunda zihanjeliwe zonke, zalekelelwa. Kugxiliwe kakhulu kulezi ebezisilele emuva, okubonakale sengathi nyakenye azifikanga kuleli zinga esilifunayo,” esho.
Unxuse abazali ukuthi banikeze abafundi isikhathi sokutadisha, futhi baqinisekise ukuthi bayafunda, kuze kuqedwa izivivinyo.
“Abazali siyabacela banikeze abantwana ukuthula ukuze bafunde kahle, banake izincwadi.”







