Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

by | 12 October 2026

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo okubalwa nabaholi bomnyango. 

Bekufungiswa abafundi futhi bezibophezela ukuthi bazoziqhelelanisa nokukopela njengoba kuqalwa izivivinyo kusasa ngoLwesibili, ngephepha leComputer Applications kanti ngoLwesine yiphepha lokuqala lesiNgisi. 

Kulo mcimbi bekuhlanganiswe nomkhuleko wesifundazwe wokucelela umatikuletsheni kuJehova ukubhala okuhle. Umqondisi omkhulu oqondene nezivivinyo kulo mnyango uDkt Raymond Penniston uthe, ukusayina kwabafundi isivumelwano sokuzibophezela ngokuthi bazoziphatha kahle, bahloniphe imithetho yezivivinyo, kubophezela nezisebenzi zoMnyango wezeMfundo ezigadayo ngesikhathi kubhalwa, ukuba ziqinisekise ukungafaki ehlazweni umnyango nabafundi.

“Uma sekwenzeke izigameko zokuthinteka kwabafundi ekukopeleni, lokho kulimaza nabazali nomphakathi wonke. Ngakho-ke, siyabanxusa othisha abagadayo ukuba bengalekeleli abantwana ngezimpendulo uma kubhalwa. 

“Nabo abantwana, kumele bengavumi ukwelekelelwa ukuze bagweme ukubanjelwa imiphumela yabo uma isikhishwa ngonyaka ozayo, ngoba bazobanjwa abagangayo,” kusho uPenniston.    

UNompilo Dlamini ofunda uGrade-12 eVukuzakhe High School uthe konke okukhulunywe yiziphathimandla zomnyango wezemfundo kubalulekile. Uthe bazoyihlonipha imithetho ebekiwe.

“Sibonile eminyakeni edlule kubanjwa imiphumela yabafundi abatholakale bephule imithetho elawula ukubhala kwezivivinyo. Siyaqinisekisa ukuthi konke okungemulekile sizoziqhelelanisa nakho,” kusho uNompilo.

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka, ubonge othisha nazo zonke izinhlaka zezemfundo ngomsebenzi owenziwe unyaka wonke. 

Ezisematheni

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...