Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Wenqatshelwe ibheyili uVusimuzi ‘Cat’ Matlala

Wenqatshelwe ibheyili uVusimuzi ‘Cat’ Matlala

by | 17 September 2025

USOMABHIZINISI osematheni kulezi zinsuku, uVusumuzi “Cat” Matlala, wenqatshelwe ibheyili enkantolo yase-Alexandra, eGauteng.

Ubevele mayelana necala lokuhlela ukubulala owesifazane ayethandana naye, uNkz Tebogo Thobejane, ngo-2023.
UMatlala, waboshwa ngemuva kokuphenywa yiKZN Political Task Team, njengoba uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe emsebenzini, uMnu Senzo Mchunu, akhipha umyalelo wokuthi lolu Phiko luhlakazwe.

UMatlala lona, kuthiwa “ungumngani” wosopolitiki, njengoba uMnu Bheki Cele, ngesikhathi esenguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuZwelonke, wake wahlala emzini wakhe ePretoria.


Kuthiwa phakathi kokunye okuzovela njengoba kuqhubeka iKhomishana kaJudge Mbuyiseli Madlanga, ukuthi wake “wafumbathisa” uMchunu imali. UMnu Brown Mogotsi kuthiwa nguyena obexhumanisa uMchunu noMatlala, futhi nguyena owadalula ukuthi uphiko oluphenyo ngokubulawa kosopolitiki seluhlakaziwe.

UMchunu uthi uMogotsi umazi “njengeqabane lakhe” akukho okunye okwedlula lokho. UMnu Bheki Cele, uyaphika ukuthi uyazama noMatlala, kodwa kuyavela kuthi babexhumana ngezingcingo. UMatlala, watholwa yizikhulu zoMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, eKgosi Mampuru Correction Centre, ukuthi unomakhalekhukhwini phakathi lapho agqunywe khona.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...