Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Wenqatshelwe ibheyili uVusimuzi ‘Cat’ Matlala

Wenqatshelwe ibheyili uVusimuzi ‘Cat’ Matlala

by | 17 September 2025

USOMABHIZINISI osematheni kulezi zinsuku, uVusumuzi “Cat” Matlala, wenqatshelwe ibheyili enkantolo yase-Alexandra, eGauteng.

Ubevele mayelana necala lokuhlela ukubulala owesifazane ayethandana naye, uNkz Tebogo Thobejane, ngo-2023.
UMatlala, waboshwa ngemuva kokuphenywa yiKZN Political Task Team, njengoba uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe emsebenzini, uMnu Senzo Mchunu, akhipha umyalelo wokuthi lolu Phiko luhlakazwe.

UMatlala lona, kuthiwa “ungumngani” wosopolitiki, njengoba uMnu Bheki Cele, ngesikhathi esenguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuZwelonke, wake wahlala emzini wakhe ePretoria.


Kuthiwa phakathi kokunye okuzovela njengoba kuqhubeka iKhomishana kaJudge Mbuyiseli Madlanga, ukuthi wake “wafumbathisa” uMchunu imali. UMnu Brown Mogotsi kuthiwa nguyena obexhumanisa uMchunu noMatlala, futhi nguyena owadalula ukuthi uphiko oluphenyo ngokubulawa kosopolitiki seluhlakaziwe.

UMchunu uthi uMogotsi umazi “njengeqabane lakhe” akukho okunye okwedlula lokho. UMnu Bheki Cele, uyaphika ukuthi uyazama noMatlala, kodwa kuyavela kuthi babexhumana ngezingcingo. UMatlala, watholwa yizikhulu zoMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, eKgosi Mampuru Correction Centre, ukuthi unomakhalekhukhwini phakathi lapho agqunywe khona.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...