Ilanga News
Home 9 Featured 9 ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

by | 9 October 2026

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo

AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi.

Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo. 

Lokhu kufakazelwe ukusha kwamanye amabhilidi angaseBerea Centre ngoLwesihlanu.

Amabhilidi asha nje kwandiswe amaphoyisa ngenhloso yokulawula abamashayo ababukeka bengapheli moya.

Amaphoyisa athi esaqaphe iqulu okusuke kubonakala ukuthi yilona eliyinhliziyo yemashi, kuvumbuke elinye selishisa eceleni. Bathi besaphuthuma lelo babone sekonakala kwenye indawo. Kwenzeka lokho nje iningi labakwimashi lisuke lisendawonye ligadwe amaphoyisa.

Izolo kushe inqwaba yamabhilidi asemgaqweni uJoseph Nduli (Russel Street). Kule ndawo kushe nenqwaba yezimoto.

NgoLwesihlanu baqale ukumasha kusuka ekuseni bejikeleza idolobha. Emini namuhla azibanga ningi izigameko zokulimala kwempahla ngaphandle kowesilisa ogxumele esivalweni sengilazi sesitolo esisemgaqweni uDr Yusuf Dadoo (Broad Street).

Kwesinye kushaywe ngetshe kwafa  iwindi leVW Golf 7, ebipake eceleni komgwaqo kuMatma Ghandi Road (Point Road). Kulo mgwaqo kuphoqe ukuba amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi nezinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza iqulu ebelenza lokhu. Yize kunjalo, abamashi baqhubekile nokumasha nokushiya imfucuza emgaqweni.

Okugqamile ukuthi abamashayo balimaza izitolo zabokufika kuleli ngoba osomabhizinisi bakuleli bebeqhubeka nomsebenzi bengaphazanyiswa. Ngisho nabadayisa emgaqweni bebengaphazanyiswa nakancane ngisho kudlula iqulu labantu eduze kwabo. Nezitolo ezinkulu ziyaqhubeka nokusebenza njengenjwayelo. Abavalayo basuke bethuka ngoba bebona abantu abaningi beza kubona kodwa akekho obaphazamisayo. Umuntu wokufika kuleli bambona eza kude basho ukumudla bamfele.

Njengoba kushe amanye amabhilidi ngaseBerea Centre kukhona nomuzi oshiswe eGlenwood. Abaziyo ngalo muzi bathe uyaziwa ukuthi umnikazi wawo ungowokufika kuleli.

Undunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli ufikile endaweni yesigameko ehamba ngoNgqongqoshe wamaPhoyisa obambile kuZwelonke, uSolwazi Faroz Cachalia, uKhomishana wamaPhoyisa obambile kuZwelonke, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi nobuholi bamaphoyisa besifunfazwe.

UJenene Mkhwanazi uthe okwamanje umsindo ususwe ukuthi kubonakale owokufika eshaya owakuleli.

“Esimweni esinjalo vele abakuleli bazolwa ngoba becasulwa ukuthi kushaywa umuntu wakubo bengasabhekanga nembangela, okungathi uma behlala phansi mhlabe bathole ukuthi lo obeshaya ubezivikela. Kodwa ngoba kukhona icala elivuliwe kuzozwakala ukuthi isizathu bekuyini,” esho.

UNtuli uthe uyaziqonda izikhalo zabantu kodwa ucela kungacekelwa phansi impahla. Uthe ucabanga ukuthi nabahleli bemashi bayazisola manje ngoba uyacabanga ukuthi akuyona inhloso yabo ukuthi kulinyazwe impahla.

USolwazi Cachalia naye uhambe emagameni kaNtuli wathi uyasiqonda isikhalo sabantu kodwa akungacekelwa phansi impahla.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...

Kuhlakazwe abebemasha eGoli

Kuhlakazwe abebemasha eGoli

KUQHUME izinhlamvu zenjoloba kuhlakazwa abamashi okuthiwa bashise imoto ngaphandle kweNkantolo yoMthethosisekelo, eBraamfontein, eGoli. Lokhu kwenzeke ngesikhathi laba bamashi abebeholwa yilowo owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, bebemasha besuka kwaMai Mai...