Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

by | 10 October 2026


KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe.

Umsolwa kuthiwa udubule laba maqede wahlala phansi waphuza ibhodlela lakhe le-Hennessy, wahlula sebemncenga ukuthi angazibulali, wazibudula washonela khona lapho. Isigameko kuthiwa senzeke ngabo-12:00 ebusuku.

Laba besifazane amaphoyisa asazama ukuthola imindeni yabo kodwa kubikwa ukuthi baneminyaka ephakathi kuka-18 no-24 sekuhlanganise nomsolwa. Imeya yaseMtubatuba uMnu Mxolisi Mthethwa uthi kumkhathaze kakhulu emoyeni okwenzeke kule ndawo

“Sikhathazeke kakhulu ngokwanda kwesihlava sokubulawa kwabantu besifazane. Siyakhalisana kakhulu nemindeni yabalahlekelwe sizosondela kwabomthetho sizwe ukuthi kwenzakaleni uma sebethole lonke ulwazi ngalesi sigameko nemindeni yezisulu, “kusho uMnu uMthethwa. Iphoyisa kuthiwa lisebenza esiteshini eKhombe eNkandla.

IMEYA yaseMtubatuba uMnu Mxolisi Mthethwa.

Ezisematheni

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...

Kuhlakazwe abebemasha eGoli

Kuhlakazwe abebemasha eGoli

KUQHUME izinhlamvu zenjoloba kuhlakazwa abamashi okuthiwa bashise imoto ngaphandle kweNkantolo yoMthethosisekelo, eBraamfontein, eGoli. Lokhu kwenzeke ngesikhathi laba bamashi abebeholwa yilowo owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, bebemasha besuka kwaMai Mai...