Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Seziqalile izinhlelo ngowe-Metro FM Awards

Seziqalile izinhlelo ngowe-Metro FM Awards

by | 31 January 2025

UMSAKAZO ongaphansi kwe-SABC iMetro FM umemezele ukuthi ubuyela eMbombela eMpumalanga nakulo nyaka umcimbi wawo wokuklomelisa abasendimeni yomculo obizwa ngeMetro FM Music Awards.

Lo msakazo uveze ukuthi lo mcimbi ubuyela kuleli dolobha ngokuxhaso lukahulumeni waseMpumalanga nenhlangano yenjinga yakuleli uMnu Patrice Motsepe iMotsepe Foundation.

Kuvele ukuthi umcimbi walo uzoba ngomhla ka-3 ku-May 2025 ezinkundleni zemidlalo iMbombela kanti umcimbi wokumenyezelwa kwabaqokiwe kulo mcimbi uzoba ngomhla ka-27 kuFebruary 2025.

Lo mcimbi ungomunye wemikhulu yokuklomelisa abaculi eNingizimu Afrika.

Isikhulu esiphezulu esiphethe imisakazo kwa-SABC uNada Wotshela ucashunwe wumthombo wabezindaba iTimesLive eveza ukuthi lo mcimbi udlala indima emqoka ekuthuthukiseni umkhakha womculo kuleli.

Uthe umcimbi wangonyaka owedlule ukhombise ukuba impumelelo eyisimanga kanti banethemba lokuthi nakulo nyaka uzokwenza okungaphezulu kunalokhu okulindelekile.

Uqhube ngokuthi okunye okuhle ngalo mcimbi wukuthi unikeza abaculi ithuba lokuzibonakalisa nokuqhambisa ngomsebenzi wabo kubathandi bomculo kuleli.

Ezisematheni

I-MKP isifake isimangalo ifuna kucwaningwe amavoti ayo eThekwini

I-MKP isifake isimangalo ifuna kucwaningwe amavoti ayo eThekwini

IQEMBU uMkhonto weSizwe Party selifake isimangalo kwikhomishana yokhetho i-IEC kwaZulu-Natal njengoba lisola ukuthi kukhona okungahanjisiwe kahle ekubalweni kwamavoti ayo. Lokhu kuza emva kokuthi kube nemibiko yokungadonsi kahle kwemishini kwezinye izindawo okuthiwa...

Ogqame kokamaskandi ungena kowesicathamiya

Ogqame kokamaskandi ungena kowesicathamiya

BAJABULELE 'ukuqaqeka' kwezinkinga emculweni wabo abaculi besicathamiya, ngesikhathi kungenelela kuwona odume kakhulu kwezokuhlelwa kwemicimbi kamaskandi eThekwini. Lokhu kuvezwe ngabaculi bakacothoza, bejabulela ukungenelela kukaMnu Xolani Mcineka owaziwa...