Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 INkosi yakwaXimba ibonge ngesikhungo sama-computer esizweni sayo

INkosi yakwaXimba ibonge ngesikhungo sama-computer esizweni sayo

by | 23 April 2026

NGUDKT Bahle Zondo, iNkosi uNgaye Mlaba, uDkt Nomfundo Mcoyi-Zondo, nguMphathi weziNhlelo kwiMetro FM, uMnu Siyanda Fikelephi nekhansela lakwaWard 1, uMnu Thembo Ntuli Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

INKOSI yakwaXimba uNgaye Mlaba, ibonge ukunikelelwa kwesikhungo sama-computer esizweni sayo, yathi lokhu kuzovala igebe phakathi komphakathi wasemakhaya nabahlala edolobheni.
INkosi uMlaba ibikhuluma enkantolo yesizwe kwaXimba, ngaseCato-Ridge ngoLwesithathu lapho abeCebolethu bebambisene nabemiklomelo yezindondo amaMetro FM Awards nomasipala weTheku benikelele ngesikhungo, esinama-computer angamashumi amabili nazosiza wonke umphakathi wakwaXimba namaphethelo.


“Lesi sikhungo singesokuqala ukubakhona endaweni. Siyabonga ukubakhona kwaso ukuze umphakathi ungaze uchithe imali eningi uya edolobheni uma udinga usizo oludinga i-computer. Yize isikhungo sikwaXimba kodwa kwamukeleke wonke umuntu ukuthi angeza kusona ukuzosisebenzisa noma ngabe uqhamuka kwezinye izindawo ezakhelene noXimba. Sizokwenza nesiqiniseko ukuthi isikhungo sizohlala siphephile ukuqinisekisa ukuthi izingane nomphakathi uhlala usizakala. Kuningi okungijabulisayo njengenkosi yakwaXimba okwenzeka endaweni yami njengoba nibona nje sesine-mall (inxanxathela yezitolo) esanda kubakhona endaweni njengoba nginikele ngendawo ukuthi yakhiwe. Njengoba nayo ikhona senza isiqiniseko ukuthi iphephile njengoba ingakaze igqekezwe,” kusho iNkosi uMlaba.


Ekhuluma neLANGA, uDkt Nomfundo Mcoyi-Zondo uthe isikhungo sizohlala sivuliwe zonke izinsuku futhi kuzohlala kukhona iWifi ukuqinisekisa ukuthi kwenzeka yonke imisebenzi edinga i-internet ngaphandle kokuthi umphakathi uze ungene ezindlekweni zokuthenga i-data.


Umphathi wezinhlelo kwiMetro FM, uMnu Siyanda Fikelephi uthe bazoqhubeka nokubambisana neCebolethu nomasipala weTheku ukulekelela abantu bakwaZulu-Natal lapho bedinga khona usizo. Uthe ngonyaka ozayo bazobheka okunye abangakwenza ukuthuthukisa umphakathi.
Kwenzeka lokhu nje imiklomelo yezindondo amaMetro FM Awards azobe eseThekwini ngoMgqibelo.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...