Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Umbiko uveze amanyala ngeTheku

Umbiko uveze amanyala ngeTheku

by | 3 November 2024

MENZI JELE

UVEZE amahlazo kaMasipala weTheku umbiko woMcwaningi-mabhuku Omkhulu, uNkz uTsakani Maluleke (osesithombeni). Lo mbiko owethulwe ephalamende ngeledlule, uveze ukuthi kuno-R83 million owakhiswa ukuze kwakhiwe izindlu zomxhaso eziwu-383 eNamibia Stop 8, eNanda, kodwa kwagcina kwakhiwe ezintathu.

Umbiko uveza ukuthi ingxenye yale mali yasetshenziswa, yize kwakhiwa izindlu ezintathu. Kuthiwa le mali yayiqhamuka eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke. 

UMasipala weTheku, ngesikhathi imeya kusenguMnu u-Obed Mlaba, wathola izindondo zeGovan Mbeki Awards kwaze kwaba kabili ngokwakha izindlu zomxhaso ngesivinini. Wawuchonywa olwegwalagwala ngokwakha izindlu zomxhaso eCornubia, enyakatho yeTheku.

IMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba, ithi kunophenyo eluqhubekayo ngodaba lwaseNamibia Stop 8. Ubekhuluma ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uNkz Mamoloko Kubayi ethula uhlelo oluzodla u-R200 million eSiphingo, eThekwini. Kulolu hlelo,
kuthiwa kuzokwakhiwa izindlu zomxhaso eziwu-400, kubhidlizwe imijondolo eyaziwa ngePilgrim X. 

UXaba uthe iyabakhathaza indaba yabantu nezinkampani ezinikwa amathenda okwakha izindlu, bawuqale umsebenzi, kodwa bangawuqedi. “Hhayi ukuthi kukhona esikufihlayo noma kukhona abantu esibavikelayo. Kunophenyo lwangaphakathi oluqhutshwa wuMasipala weTheku. Kunezikhulu zikaMasipala ezimisiwe emsebenzini ngoba zisoleka ukuthi ziyathinteka emkhonyovini ophathelene
nokwakhiwa kwezindlu. Kunezinkampani esesinqume ukungaziniki umsebenzi ngenxa yokuthi kaziwenzi ziwuqede ngesikhathi ezibekelwe sona,” kusho uXaba.

Kuvela lo mbiko nje, uNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi, KwaZulu-Natal, uMnu uMartin Meyer, umise emsebe-
nzini izikhulu ezimbili zalo mnyango ngoba zisaphenywa ngenkohlakalo emayelana nakho ukwakhiwa kwezindlu.  

Ezisematheni

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

LIHLOSE ukuqinisa ezokuphepha nokuthuthukisa umnotho ezinhla-nganweni zezitokofela, ngohlelo lwalo olusha lwezobuchwepheshe, lokudlala izitokofela ibhange lakwaFNB.Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi leli bhange liyokwe-thula ngokusemthethweni lolu hlelo...

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

KWAKUYISONTO ngomhlaka 11 kuNhlolanja (February) wango 1990, ngesikhathi uDkt Nelson Mandela, ekhululwa ejele laseVictor Vester, eWestern Cape. Umhlaba wonke wawuchwaza, abantu bethe njo komabonakude, bengakholwa ababekubona ngamehlo abo. Kwasekuphela iminyaka ewu-27,...