Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Umbiko uveze amanyala ngeTheku

Umbiko uveze amanyala ngeTheku

by | 3 November 2024

MENZI JELE

UVEZE amahlazo kaMasipala weTheku umbiko woMcwaningi-mabhuku Omkhulu, uNkz uTsakani Maluleke (osesithombeni). Lo mbiko owethulwe ephalamende ngeledlule, uveze ukuthi kuno-R83 million owakhiswa ukuze kwakhiwe izindlu zomxhaso eziwu-383 eNamibia Stop 8, eNanda, kodwa kwagcina kwakhiwe ezintathu.

Umbiko uveza ukuthi ingxenye yale mali yasetshenziswa, yize kwakhiwa izindlu ezintathu. Kuthiwa le mali yayiqhamuka eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke. 

UMasipala weTheku, ngesikhathi imeya kusenguMnu u-Obed Mlaba, wathola izindondo zeGovan Mbeki Awards kwaze kwaba kabili ngokwakha izindlu zomxhaso ngesivinini. Wawuchonywa olwegwalagwala ngokwakha izindlu zomxhaso eCornubia, enyakatho yeTheku.

IMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba, ithi kunophenyo eluqhubekayo ngodaba lwaseNamibia Stop 8. Ubekhuluma ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uNkz Mamoloko Kubayi ethula uhlelo oluzodla u-R200 million eSiphingo, eThekwini. Kulolu hlelo,
kuthiwa kuzokwakhiwa izindlu zomxhaso eziwu-400, kubhidlizwe imijondolo eyaziwa ngePilgrim X. 

UXaba uthe iyabakhathaza indaba yabantu nezinkampani ezinikwa amathenda okwakha izindlu, bawuqale umsebenzi, kodwa bangawuqedi. “Hhayi ukuthi kukhona esikufihlayo noma kukhona abantu esibavikelayo. Kunophenyo lwangaphakathi oluqhutshwa wuMasipala weTheku. Kunezikhulu zikaMasipala ezimisiwe emsebenzini ngoba zisoleka ukuthi ziyathinteka emkhonyovini ophathelene
nokwakhiwa kwezindlu. Kunezinkampani esesinqume ukungaziniki umsebenzi ngenxa yokuthi kaziwenzi ziwuqede ngesikhathi ezibekelwe sona,” kusho uXaba.

Kuvela lo mbiko nje, uNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi, KwaZulu-Natal, uMnu uMartin Meyer, umise emsebe-
nzini izikhulu ezimbili zalo mnyango ngoba zisaphenywa ngenkohlakalo emayelana nakho ukwakhiwa kwezindlu.  

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...