
LIGCWALE umoya ibhantshi lesethenjwa se-IFP ebesiyiMeya kuMasipala wesiFunda uMzinyathi, uMnu Petros Mthandeni Ngubane (66). UNgubane oyilungu lomgwamanda waleli qembu, ufake incwadi yokwesula esikhundleni sakhe sokuba yimeya yalo mkhandlu ngoMsombuluko ngemuva kokuba kubanjwe umhlangano oshubile obe uphakathi kwakhe nesigungu esiphezulu saleli qembu ngeSonto.
Usolwe ngokwehluleka ukuhola lo mkhandlu ocebe ngezindawo ezingamagugu nomlando. Lo mkhandlu uthole imibiko enogcobho iminyaka emibili ilandelana. Umthombo ongaphakathi uthi amakhansela emkhandlwini azame kaningi ukumkhipha ngevoti lokungamethembi uMbomvu, kodwa ehluleka ngoba kunezinsolo zokuthi ubevikelwa ngumsunguli waleli qembu.
Nakuba kunjalo, uNgubane ubenezinhlelo zokuba kuguqulwe igama lalo masipala, ubizwe ngokuthi yiPrince Mangosuthu Buthelezi District Municipality. Minyaka yonke umkhandlu wakhe usingatha imigubho yempi yaseSandlwana njalo ngenyanga kaMasingana (January).
UNgubane ubebuye exhase imijaho okubalwa kuyona iDundee July, okuwumjaho wamahhashi, njengoba ngenyanga ezayo ubesezinhlelweni zePrince Mangosuthu Ultra Marathon, nayo ebanjwa minyaka yonke. UMbomvu uke waba yimeya yaseMvoti (eGreytown) phambilini. Unguthisha ngokokuqeqeshwa kanti futhi unguMfundisi ebandleni lakhe.
Isigungu se-IFP sibonge iqhaza likaNgubane.
“I-IFP sithanda ukubonga uNgubane ngomsebenzi awenzile nobuholi bakhe esebenza njengemeya yomkhandlu,” kusho isitatimende.
Isigungu saleli qembu siphakamise ukuthi isikhundla sikaNgubane sivalwe yisekela lakhe uNkk TH Mchunu, bese kuqokwa isekela lemeya elisha.
