Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sizovalwa yisekela isikhala semeya ye-IFP ‘ekhonjwe’ indlela

Sizovalwa yisekela isikhala semeya ye-IFP ‘ekhonjwe’ indlela

by | 5 March 2025

LIGCWALE umoya ibhantshi lesethenjwa se-IFP ebesiyiMeya kuMasipala wesiFunda uMzinyathi, uMnu Petros Mthandeni Ngubane (66). UNgubane oyilungu lomgwamanda waleli qembu, ufake incwadi yokwesula esikhundleni sakhe sokuba yimeya yalo mkhandlu ngoMsombuluko ngemuva kokuba kubanjwe umhlangano oshubile obe uphakathi kwakhe nesigungu esiphezulu saleli qembu ngeSonto.

Usolwe ngokwehluleka ukuhola lo mkhandlu ocebe ngezindawo ezingamagugu nomlando. Lo mkhandlu uthole imibiko enogcobho iminyaka emibili ilandelana. Umthombo ongaphakathi uthi amakhansela emkhandlwini azame kaningi ukumkhipha ngevoti lokungamethembi uMbomvu, kodwa ehluleka ngoba kunezinsolo zokuthi ubevikelwa ngumsunguli waleli qembu.

Nakuba kunjalo, uNgubane ubenezinhlelo zokuba kuguqulwe igama lalo masipala, ubizwe ngokuthi yiPrince Mangosuthu Buthelezi District Municipality. Minyaka yonke umkhandlu wakhe usingatha imigubho yempi yaseSandlwana njalo ngenyanga kaMasingana (January).

UNgubane ubebuye exhase imijaho okubalwa kuyona iDundee July, okuwumjaho wamahhashi, njengoba ngenyanga ezayo ubesezinhlelweni zePrince Mangosuthu Ultra Marathon, nayo ebanjwa minyaka yonke. UMbomvu uke waba yimeya yaseMvoti (eGreytown) phambilini. Unguthisha ngokokuqeqeshwa kanti futhi unguMfundisi ebandleni lakhe.

Isigungu se-IFP sibonge iqhaza likaNgubane.

“I-IFP sithanda ukubonga uNgubane ngomsebenzi awenzile nobuholi bakhe esebenza njengemeya yomkhandlu,” kusho isitatimende.

Isigungu saleli qembu siphakamise ukuthi isikhundla sikaNgubane sivalwe yisekela lakhe uNkk TH Mchunu, bese kuqokwa isekela lemeya elisha.

NGUMNU Petros Ngubane (kwesokudla) obeyimeya kuMasipala wesiFunda uMzinyathi, noNkk TH Mchunu, obeyisekela lakhe.

Ezisematheni

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...