Ilanga News
Home 9 Featured 9 Zigcine zithelekile izidumbu zamasosha e-SANDF abulawa eDRC

Zigcine zithelekile izidumbu zamasosha e-SANDF abulawa eDRC

by | 13 February 2025

ZIGCINE zithelekile eNingizimu Afrika izidumbu eziwu-14 zamasosha eSouth African National Defence Force ngemuva kwamasonto ngokubambezeleka ngokubuyiselwa kwazo kuleli.

Izidumbu zala masosha abulawa eDemocratic Republic of Congo ngesikhathi eyingxenye yokugcina ukuthula kuleli yazwe, zitheleke ngoLwesithathu kusihlwa esikhumulweni sezindiza zombutho i-Air Force Base Swartkop.

Kulindeleke ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika abambe inkonzo yesikhumbuzo ngoLwesine kusona lesi sikhumulo ngaphambi kokuba lezi zidumbu zidluliselwe emindenini yazo eqhamuka ezifundazweni ezahlukene.

La masosha abulawa ngesikhathi ebhekene neqembu lamavukela mbuso elibizwa ngama-M23 khona eDRC.

UNgqongqoshe wezokuVikela kuleli uNkk Angie Motshekga wamemezela okokuqala ngomhla ka-25 kuJanuary 2025 ngokubulawa kwamasosha awu-9.

Ngemuva kwezinsuku ezintathu waphinde wamemezela ukubulawa kwamanye amathathu.

Amanye amabili ashona ngenxa yokulimala ngesikhathi kudutshulwana.

NgoMsombuluko kube nenkulumongxoxo ngokubulawa kwala masosha ePhalamende likazwelonke.

Kule nkulumo ngxoxo amanye amaqembu ezepolitiki azwakalise ukukweseka ukuba khona kwamasosha akuleli eDRC ngemizamo yokugcina ukuthula nokubuyisa uzinzo kanti amanye aphakamise ukuba ahoxiswe aphinde agxeka uhulumeni ngokuwajuba ngaphandle kokuwahlinzekela ngezinsiza ezifanele zokubhekana nempi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...