Ilanga News
Home 9 Featured 9 Zigcine zithelekile izidumbu zamasosha e-SANDF abulawa eDRC

Zigcine zithelekile izidumbu zamasosha e-SANDF abulawa eDRC

by | 13 February 2025

ZIGCINE zithelekile eNingizimu Afrika izidumbu eziwu-14 zamasosha eSouth African National Defence Force ngemuva kwamasonto ngokubambezeleka ngokubuyiselwa kwazo kuleli.

Izidumbu zala masosha abulawa eDemocratic Republic of Congo ngesikhathi eyingxenye yokugcina ukuthula kuleli yazwe, zitheleke ngoLwesithathu kusihlwa esikhumulweni sezindiza zombutho i-Air Force Base Swartkop.

Kulindeleke ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika abambe inkonzo yesikhumbuzo ngoLwesine kusona lesi sikhumulo ngaphambi kokuba lezi zidumbu zidluliselwe emindenini yazo eqhamuka ezifundazweni ezahlukene.

La masosha abulawa ngesikhathi ebhekene neqembu lamavukela mbuso elibizwa ngama-M23 khona eDRC.

UNgqongqoshe wezokuVikela kuleli uNkk Angie Motshekga wamemezela okokuqala ngomhla ka-25 kuJanuary 2025 ngokubulawa kwamasosha awu-9.

Ngemuva kwezinsuku ezintathu waphinde wamemezela ukubulawa kwamanye amathathu.

Amanye amabili ashona ngenxa yokulimala ngesikhathi kudutshulwana.

NgoMsombuluko kube nenkulumongxoxo ngokubulawa kwala masosha ePhalamende likazwelonke.

Kule nkulumo ngxoxo amanye amaqembu ezepolitiki azwakalise ukukweseka ukuba khona kwamasosha akuleli eDRC ngemizamo yokugcina ukuthula nokubuyisa uzinzo kanti amanye aphakamise ukuba ahoxiswe aphinde agxeka uhulumeni ngokuwajuba ngaphandle kokuwahlinzekela ngezinsiza ezifanele zokubhekana nempi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...