Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Uhlahlele wabulala’ indodana eyisangoma bexabana

‘Uhlahlele wabulala’ indodana eyisangoma bexabana

by | 10 June 2026

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wasoBuka, eSidakeni, ngaseMpangeni, ngesigameko esinyantisa igazi, sowesilisa osolwa ngokuhlahlela abulale indodana yakhe eyisangoma, ngemuva kwengxabano equbuke phakathi kwabo.

Kubikwa ukuthi uMnu Minenhle “Sigidagida msolwa ongenacala” Ndimande (31), “uhlahlelwa” nguyise nje, ubesanda kubuya kubo, ekade eyobethela komunye umuzi. Kuthiwa umufi ufike kubo ephuzile, kwasuka ingxabano phakathi kwakhe noyise.

ILANGA likhulume nonina kamufi uNkk Nelisiwe Ndimande, uMaButhelezi, oveze ukuthi umsolwa ngumyeni wakhe, umufi yindodana yabo bobabili. Uthi indodana yabo ibisanda kufika ekhaya, iphuma ukuyobethela kwabe sekusuka ingxabano phakathi kwayo noyise.

“Ufike ekhaya ephuzile. Babe nokuhilizisa noyise, baxabana, engingazi ukuthi kususwe yini. Ngesikhathi behilizisana bengehla ngenyuka endlini, kukhona ebengimatasa ngakho. Ngibashiye kanjalo endlini bexabana, ngayophumula endlini yami yokulala, ngizwe umsindo usuqhuma phezulu phakathi kwabo,” esho.

Uthi umyeni wakhe uthathe ucelemba wahlahlela ngawo indodana yabo yaze yawela ekamelweni labo. Uthi umufi uyindodana yakhe yesithathu, futhi ubenakho ukuthi uma kunengxabano ekhaya, afune ukuthi kugcine izwi lakhe.

ILANGA liphinde lakhuluma nemithombo yalo esondelene nodaba, eveze ukuthi umufi ubedinwa yindlela uyise aphatha ngayo unina. Kuthiwa umufi ubejwayele ukuthi uma esephuzile, avuse indaba kayise “yokuhlukumeza” unina. Leli phephandaba likhulume nenduna yendawo uMnu David Xulu, eveze ukuthi bese bezwile ngalolu daba olubashiye bethukile.

“Siyavuma umufi ubesemhluphe kakhulu uyise, futhi esezakhele eziningi izitha esigodini, kodwa asivumi ukuthi ubesengaze abulawe,” kusho uXulu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uSergeant Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko. Uthe: “Indoda eneminyaka ewu-70 iboshiwe ngezinsolo zokubulala indodana yayo eneminyaka ewu-31 ngemuva kokuba bebenengxabano. Umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo maduze,” esho.

Ezisematheni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

UNGQONGQOSHE wezeMfundo, KwaZulu-NataL, uMnu Sipho Hlomuka, uthi imumi emphinjeni idaba yokuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni zesifundazwe. Isigameko sakamuva, senzeke esikoleni iBukimvelo High School, eZibayeni, eHluhluwe, esifundeni uMkhanyakude. Abafundi bakaGrade...

ISagiya Foundation yethula uhlelo lokuthuthukisa ezobuciko

ISagiya Foundation yethula uhlelo lokuthuthukisa ezobuciko

INHLANGANO engenzi nzuzo i-Sagiya Foundation, ngokulekelelwa yi-National Arts Council of South Africa (NAC), iyajabula ukumemezela umkhankaso omkhulu nomkhosi wezobuciko oyingqophamlando obizwa ngokuthi Inaugural Bulwer Imbizo Yobuciko Capacity Building and Arts...

UseMlazi uMkhosi weLembe walo nyaka

UseMlazi uMkhosi weLembe walo nyaka

UMGUBHO waminyaka yonke wokukhumbula iSilo uShaka, umsunguli wesizwe samaZulu, useKing Zwelithini Stadium, eMlazi, kulo nyaka. Uzoba ngoLwesine, njengoba iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sanquma ukuthi imigubho yeLembe, ibengawo umhla ka-24 kuMandulo (September), ilanga...