Ilanga News
Home 9 Featured 9 U-VVO nezinhlelo ezinkulu ngohlelo lwakhe kumabonakude

U-VVO nezinhlelo ezinkulu ngohlelo lwakhe kumabonakude

by | 18 March 2026

USEZINHLELWENI zokulusabalalisa, lugxile nakwezinye izizwe uhlelo lukamabonakude oluthi, Ingono Yomsamo, uSolwazi uBhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize, kulandela ukunqoba kwalo emcimbini wokuklomelisa weSouth African Film and Television Awards, obungoMgqibelo, eGoli. Lolu hlelo olwethulwa nguVVO olukhonjiswa esiteshini sikamabonakude iSABC 1, luthole indondo yeBest Educational Programme kulo mcimbi obekuklonyeliswa abahamba phambili emkhakheni wezikamabonakude nakumafilimu kuleli. 

Ekhuluma neLANGA, uVVO uzwakalise ukujabula, waveza ukuthi kuyaqala emlandweni ukuthi uhlelo olwaqala emsakazweni lwadlulela kumabonakude, lunqobe indondo kulo mcimbi. 

“Ngesikhathi siluqala lolu hlelo emsakazweni eminyakeni ewu-15 eyedlule, lwalungena kabili ngenyanga oKhozini. Kwakuyiphupho lami ukuthi lusabalale ngoba ngangibona ukuthi isizwe sakithi sidunguza ebumnyameni uma kuziwa ngasezintweni zesintu,” kusho uVVO. 

Uthe nangesikhathi lungena kumabonakude eminyakeni emithathu eyedlule, iSABC 1 yaqala yalungabaza ngaphambi kokuthi ilubone ukubaluleka kwalo esizweni. 

“Kuyangijabulisa ukuthi kumasizini nje amabili, sesikwazile ukuthi sinqobe indondo okusho khona ukuthi sebeyawubona umthelela walolu hlelo nokubaluleka kokuqonda izinto zesintu,” esho. 

Uthe njengoba lolu hlelo selufinyelele kuleli zinga, kusho khona ukuthi iphupho lakhe lokukhulisa ulwazi ngomsamo nangezinto zesintu, liya ngokufezeka. 

“Nangesikhathi ngithwasa, ngatshelwa ukuthi okwami kuzoba wukusabalalisa ulwazi, yingakho ngaqala ngabhala izincwadi. Okuhle wukuthi nazo lezo zincwadi zikwazile ukuthi zamukelwe e-UKZN, ngaphinde ngahlonishwa futhi ngazo yisona lesi sikhungo. Kwakuqala ukuthi inyuvesi ihloniphe umuntu ngezincwadi ezifundisa ngomsamo nangesintu,” kusho yena. 

Uthe njengoba esekwazile ukuthi ahlonishwe yilesi sikhungo, sekusemome ukuthi kube  nohlelo oluzongena nasezikoleni lapho kuzofundiswa khona abafundi ngesintu. 

“Kubuhlungu ukubona isizwe sidunguza, singazi ngemvelaphi yaso nangamadlozi aso. Ngizozama ukuxhumana noMnyango wezeMfundo, sibone ukuthi singabambisana kanjani, sikwazi ukuthi sifundise ngesintu nangomsamo ezikoleni,” kusho uVVO. 

Uthe okunye okumjabulisayo wukuthi kusukela ngesizini ezayo, abazoqala ukuyiqopha ngoNhlaba (May) nonyaka, bazolusabalalisa lolu hlelo lungagxili esizweni samaZulu kuphela, kodwa bazongena nakwezinye izizwe, bafundise ngemvelaphi yazo nangendlela ezixhumana ngayo nabangasekho, nokunye okuthinta zona kwasemsamo. 

Nalu uhlu lwabanye abanqobe eminxeni emqoka kulo mcimbi, obuhanjelwe ngosaziwayo abahlukene kumabonakude. 

BEST SUPPORTING ACTRESS IN A TV SOAP

• Vele Manenje (Skeem Saam)

Production House: Peu

*BEST SUPPORTING ACTOR IN A TV SOAP

• Litlhonolofatso Litlhakanyane (Scandal!)

Production House: Ochre Media

BEST SUPPORTING ACTRESS IN A TELENOVELA

• Zenande Mfenyana (Inimba S1)

Production House: The Milton Empire

BEST SUPPORTING ACTOR IN A TELENOVELA

• Anele Matoti (Gqeberha – The Empire)

Production House: Tshedza Pictures

BEST ACTRESS IN A TV SOAP

• Londeka Sishi (Scandal!)

Production House: Ochre Media

BEST ACTOR IN A TV SOAP

• Aubrey Poo (Generations: The Legacy)

Production House: MMSV Productions

BEST ACTRESS IN A TELENOVELA

• Nelisiwe Sibiya (iThonga)

Production House: Tshedza Pictures

BEST ACTOR IN A TELENOVELA

* Bonko Khoza (iThonga)

Production House: Tshedza Pictures

BEST TV SOAP

• Scandal!

Production House: Ochre Media

BEST TELENOVELA

• Youngins

Production House: Tshedza Pictures

BEST SUPPORTING ACTRESS IN A TV DRAMA

• Michelle Botes (Tuiskoms)

Production House: Infinity Films

BEST SUPPORTING ACTOR IN A TV DRAMA

• Jabulani Mthembu (Catch Me A Killer)

Production House: Local Motion Pictures

BEST ACTRESS IN A TV DRAMA

• Gail Mabalane (Unseen – Season 2)

Production House: Gambit Films

BEST ACTOR IN A TV DRAMA

•Frank Opperman (N√™rens, Noord-Kaap Deel 2)

Production House: Nagvlug Films

BEST TV DRAMA

Reyka 2

Production House: Quizzical Pictures

BEST SUPPORTING ACTRESS IN A TV COMEDY

• Shoki Mmola (How to Ruin Love Season 1)

Production House: Burnt Onion Productions

BEST SUPPORTING ACTOR IN A TV COMEDY

• Tobie Cronje (Pronk Primer)

Production House: Sonvelt Media

BEST ACTRESS IN A TV COMEDY

• Desire Gardner (MAGDA LOUW SEASON 2)

Production House: Homebrew Films

BEST ACTOR IN A TV COMEDY

• Hannes van Wyk (MAGDA LOUW SEASON 2)

Production House: Homebrew Films

BEST TV COMEDY

• The Morning After

Production House: Both Worlds Pictures

*BEST SHORT FILM

• Why The Cattle Wait

Production House: Zarafa Pictures & Yellowbone Entertainment

BEST SUPPORTING ACTRESS IN A FEATURE FILM

• June van Merch (Die Kwiksilwers (The Quicksilvers))

Production House: Sanktuary Films. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...