Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

by | 24 October 2026

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November).

Esitatimendeni iMKP ithi ayinikwanga incazelo ecackile ukuthi kungani i-IEC iyichitha kulesi sicelo. Ithe ibifake isicelo kwikhomishini yokhetho ukuthi ilungise uhlu lwayo nokuthi ifake amakhansela angafakekanga ngesikhathi kusavulwe isikhathi sokubhaliswa kwawo kanjalo nokuvala izikhala zalawo ashone esebhalisiwe ukuthi iwona azomela leli qembu kuma-ward.

IMKP ithe i-IEC ithe isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esivune i-ANC njengoba ibimangalele ikhomishini, besingasho ukuthi sekuvulelekile ukuthi kulungiswe amagama ayengene kahle ngaphambi komnqamulajuqu wokufakwa kwamagama.

Ezintweni ezifunayo ukuthi i-IEC ibeke isizathu esicacile esicelweni sayo, iphinde ihlukanise ukuthi ithuba elinikwe i-ANC lihluke kanjani esicelweni sayo. Ezimpendulweni zayo i-IEC, iMKP ifuna ukuthi zihambisane namaphepha afakazela lokhu ezobe ikusho.

Iphinde yaveza isikhalo sokuthi ngo-2024 yayingagculisekile ngezinto ezithile ezenzeka kwikhomishini yokhetho lapho i-IEC yazivumela yona ukuthi kwaputshuka uhlu lwabantu ababefakiwe ukumela iMKP ne-ANC okwakungagunyaziwe iyona, okwenza ishaye amakhala ngokusebenza kwekhomishini kwesinye isikhathi.

Ithe ngeke ikuvumele ukuphazanyiswa noma ithuliswe, futhi ngeke ikuvumele ukuthi iyekele amalungu ayo okumele abe sohlwini lwabazovotelwa.  

Ezisematheni

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

IZINYUNYANA zothisha nekomidi elibhekelele ukusebenza koMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, zihlabe isenzo salo mnyango sokubuyisela ehhovisi likamgcinimafa kazwelonke imali engaphezu kuka-R600 million, engasebenzanga kunyakamali odlule. Lokhu kuvele embikweni...

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) inxusa ukubekezelelana kubantu kulandela isigameko sokubulawa kowokufika eThekwini, nephoyisa eNorth West okuthiwa libulawe ngumuntu wangaphandle. Ngeledlule kuqubuke imvunge ezinkundleni zokuxhumana kubonakala iVideo...

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...