Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘Ukunganakwa kwengqalasizinda kuyimbangela yenkinga yamanzi’

‘Ukunganakwa kwengqalasizinda kuyimbangela yenkinga yamanzi’

by | 24 March 2026

UKHOMBE ukunganakwa ngendlela kwengqalasizinda yomasipala, njengenye yezimbangela yokushoda kwamanzi kuleli, uMnu Paul Mashatile (osesithombeni), oyiSekela likaMengameli.

UMashatile ubephendula imibuzo yephalamende ekupheleni kwesonto eledlule, lapho eveze khona ukuthi abakutholile wukuthi ukunganakekelwa ngendlela kwengqalasizinda ezingeni lomasipala, kunomthelela omkhulu ekushodeni kwamanzi kuleli.

“Inkinga enkulu esiyaye siyithole ngokushoda kwamanzi ezweni lonke, wukuthi ingqalasizinda kayinakekelwe ngendlela ezingeni lomasipala. Okungaba wubudala bayo (ingqalasizinda) noma wukuvuza kwamapayipi, okuholela ekutheni amanzi angafiki ezakhamizini ngendlela efanele,” esho.

Uthi isisombululo salokhu, wukuthi uhulumeni omkhulu ufake isandla lapho omasipala behluleka khona.

“Njengamanje silungiselela ukuthuthu-kisa ingqalasizinda, siqinisekise ukuthi sibhekana nazo zonke izingqinamba ezibhekene nomasipala, ezithinta amanzi. Uma ubhekisisa kahle, uyabona ukuthi abanye omasipala kabatshalile (invest) kwingqalasizinda yamanzi. Ukuqinisekisa ukuthi lokhu kuyenzeka, sizoba nethimba elihlanganise onjiniyela nochwepheshe, abazoqinisekisa ukuthi omasipala sibahlinzeka ngosizo olufanele ekuthuthukisweni kokulethwa kwamanzi,” esho.

Uthi phezu kweminye imizamo abanayo, wukuthi bonke omasipala babe namaloli abo, athutha manzi ukuze kuvimbeke osomabhizinisi abafuna ngodli, amathenda okuha-mbisa amanzi emiphakathini. Ngesikhathi uRamaphosa ethula inkulumo yakhe ebheke esizweni, waveza ukuthi usesungule ikomidi elizobhekana nenkinga yamanzi. 

Wathi leli thimba lizosebenzisana nohulumeni kazwelonke kuya kohulumeni basekhaya, ukuqinisekisa ukuthi izinkinga zamanzi ziyaxazululeka. Maduze uhulumeni wathi uzobe usukuphothulile ukwakhiwa kohlaka iNational Water and Resource Infrastructure Agency, oluzobhekana ngqo nokulungiswa kwengqalasizinda yamanzi. 

Ezisematheni

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama...

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...