Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘Ukunganakwa kwengqalasizinda kuyimbangela yenkinga yamanzi’

‘Ukunganakwa kwengqalasizinda kuyimbangela yenkinga yamanzi’

by | 24 March 2026

UKHOMBE ukunganakwa ngendlela kwengqalasizinda yomasipala, njengenye yezimbangela yokushoda kwamanzi kuleli, uMnu Paul Mashatile (osesithombeni), oyiSekela likaMengameli.

UMashatile ubephendula imibuzo yephalamende ekupheleni kwesonto eledlule, lapho eveze khona ukuthi abakutholile wukuthi ukunganakekelwa ngendlela kwengqalasizinda ezingeni lomasipala, kunomthelela omkhulu ekushodeni kwamanzi kuleli.

“Inkinga enkulu esiyaye siyithole ngokushoda kwamanzi ezweni lonke, wukuthi ingqalasizinda kayinakekelwe ngendlela ezingeni lomasipala. Okungaba wubudala bayo (ingqalasizinda) noma wukuvuza kwamapayipi, okuholela ekutheni amanzi angafiki ezakhamizini ngendlela efanele,” esho.

Uthi isisombululo salokhu, wukuthi uhulumeni omkhulu ufake isandla lapho omasipala behluleka khona.

“Njengamanje silungiselela ukuthuthu-kisa ingqalasizinda, siqinisekise ukuthi sibhekana nazo zonke izingqinamba ezibhekene nomasipala, ezithinta amanzi. Uma ubhekisisa kahle, uyabona ukuthi abanye omasipala kabatshalile (invest) kwingqalasizinda yamanzi. Ukuqinisekisa ukuthi lokhu kuyenzeka, sizoba nethimba elihlanganise onjiniyela nochwepheshe, abazoqinisekisa ukuthi omasipala sibahlinzeka ngosizo olufanele ekuthuthukisweni kokulethwa kwamanzi,” esho.

Uthi phezu kweminye imizamo abanayo, wukuthi bonke omasipala babe namaloli abo, athutha manzi ukuze kuvimbeke osomabhizinisi abafuna ngodli, amathenda okuha-mbisa amanzi emiphakathini. Ngesikhathi uRamaphosa ethula inkulumo yakhe ebheke esizweni, waveza ukuthi usesungule ikomidi elizobhekana nenkinga yamanzi. 

Wathi leli thimba lizosebenzisana nohulumeni kazwelonke kuya kohulumeni basekhaya, ukuqinisekisa ukuthi izinkinga zamanzi ziyaxazululeka. Maduze uhulumeni wathi uzobe usukuphothulile ukwakhiwa kohlaka iNational Water and Resource Infrastructure Agency, oluzobhekana ngqo nokulungiswa kwengqalasizinda yamanzi. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...