Ilanga News
Home 9 Featured 9 “Nenja ibingeke ifihlwe ngendlela okungcwatshwe ngayo umfowethu”

“Nenja ibingeke ifihlwe ngendlela okungcwatshwe ngayo umfowethu”

by | 28 June 2026

NGABANTU beqiqinga isidumbu sobengumengameli wamaZayoni eNyonini Mission, uMnu Thamsanqa Nkonyane, ngemuva kokuba sesimbiwe endaweni ebesigqitshwe kuyona.

“SIMTHOLE egqitshiswe okwenja ubhuti wethu, kungekho ngisho okukhombisa ukuthi yithuna. Kuvele kwagujwa umgodi omncanyana, ongafiki ngisho okhalweni, ubezodliwa yizinja ngokukhulu ukushesha.”

Lawa ngamazwi kaNkz Sbongile Nkonyane, ongudadewabo kame- ngameli webandla lamaZayoni iNyonini Mission, umengameli uThamsanqa Nkonyane, okumbiwe isidumbu sakhe ngoMsombuluko, sigqitshwe emuva kwendlu ewurawondi, emishini yesonto oSizweni, eNewcastle. UNkz Nkonyane uthi le ndawo abathole kuyona isidumbu sikamfowabo, yindawo yokulahla udoti.

“Umfowethu wangcwatshwa ebusuku isinyenyela, singazi siwumndeni, kwathiwa ubefihlwa njengenkosi. Leya ndawo esimthole kuyona, ngeke ugqibe kuyona ngisho inja yakho oyithandayo, njengoba bekugqitshwe umfowethu. Bekungabonakali ukuthi kunethuna ngoba kuyindawo eqondile, kwase kubekwa amahlamvu.

“Kuyo le ndawo sibone ngokuthi bekunesihlabathi sasemfuleni esibukeka sisisha, kukhombisa nje ukuthi kukhona obekumbozwa, kodwa kungeyona indunduma etshengisa ukuthi yithuna,” esho.

Uthi emuva kokuba iNkantolo eNkulu eMgungundlovu ibanikeze igunya lokuyomba isidumbu sikamfowabo, iyalele isanciza sakhe (uNkonyane) uNkz Sizeni Mazibuko, uMaKhuzwayo, ukuba ayokhomba lapho agqiba khona uNkonyane. Uthi kuthe sekufanele akhombe, wathumela incwadi kubameli ethi uyagula.

“Siqhubekile nomsebenzi wokumba ngoba bekunesigatshana esithi uma engafiki ukuzokhomba, kuyofanele simbe lapho esisola ukuthi ugqitshwe khona. Uqhubekile-ke umsebenzi samba, ngenhlanhla ubekhona umfana owabhoboka, ethi bambiswa leli thuna ebusuku.

“Kuthe kungafika ngenhla kwamadolo ukumba, kwabe sekuqhamuka isikhumba senkomo, wahlaba ngefosholo umfana, kwaqhamuka ingubo yokulala. Waphinda wahlaba umfana, kwaqhamuka umqamelo nomfowethu egoqwe ngetshali. Kuphinde kwafakwa izimpahla ebezibukeka zizincane ngokomzimba, ebezingakhombisi ukuthi bezigqokwa ngumfowethu.

“Kuningi obekufakwe emgodini esingakuqondi kahle, obekusetshenziswa ngesikhathi kwenziwa lo mkhuba. Umfowethu ubengangcwatshiwe, kodwa ubegqitshiwe wena owabona inja obungayithandi, engafakiwe nasebhokisini. Ekhanda ubepoqokile, enegazi. Sisafuna siyohlolwa nesidumbu ukuze saneliseke ngembangela yokushona kwakhe ngoba ogile yonke le mikhuba, wasitshela ukuthi wayekhale ngesiyezi wase eyawa, washona. Lokhu kufihlwa kukamfowethu isinyelela, kuvusa izinsolo zokuthi kuningi okwakufihlwa,” kusho uNkz Nkonyane.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...