
KUBULAWE owesilisa efaniswe nomuntu okusolwa ukuthi uyena obulala abesifazane abatholwa beshonile eKempton Park, eKurhuleni.
Umufi uMnu Vusumuzi Radebe kuthiwa uhlaselwe yiqulu labantu eKurhuleni esolwa ngokuthi ungumbulali wabesifazane njengoba kutholakala izidumbu zabesifazane kule ndawo.
Ngokwesitatimende somndeni wakwaRadebe nowakaMathobela, uRadebe kuthiwa ubeya ekhaya esuka emzini kaninakhulu kwaGuqa eya eLynnville ngesikhathi ehlaselwa yiqulu labantu.
Ngokusho komndeni kuthiwa ngesikhathi esendleleni uRadebe umiswe abantu abambuze ukuthi uhlala kuphi nokuthi uqhamuka kuphi. Kuthiwa ubatshele ukuthi uhlala eKempton Park kodwa ubevakashele uninakhulu kwaGuqa.
Emva kwalokho kuthiwa abebemmisile bavele bamsola bamyamanisa nezigameko zokubulawa kwabantu eKempton Park. Kuthiwa abazange besenza ngisho nocwaningo olwanele bamhlasela bamshaya waze washonela endaweni yesigameko.
Kumanje umndeni usadidekile futhi usadinga izimpendulo. Esitatimendeni sawo umndeni uchaze uRadebe njengomuntu obelungile futhi ubeya ekhaya ngesikhathi ebulawa.
Uthe abazali bakhe uRadebe basanda kubuyela eMalahleni njengoba sebethathe umhlalaphansi njengoba bebehlala eLynnville.
Umndeni unxusa noma ngubani obone kwenzeka isigameko ukuthi awanike ulwazi olwanele ngokwenzekile. Lokhu uthe kungasiza ukuthi kutholakale abenzi bobubi.
Ngaphambi kokuba umndeni ukhombe isidumbu sendodana yawo amaphoyisa avele aseyasiphenya lesi sigameko. Ngokwamaphoyisa aveze ukuthi aye endaweni yesigameko emva kokutshelwa ukuthi kunomuntu ohlaselwa wumphakathi emgaqweni uSeme, eLynnville. Ngesikhathi efika abaholi bomphakathi akhombe isidumbu sendoda silele ngomhlane.







