Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uboshwe okwesibili owadedelwa ngebheyili kwelokudlwengula

Uboshwe okwesibili owadedelwa ngebheyili kwelokudlwengula

by | 17 July 2026

AMAPHOYISA aseFree State abophe owesilisa ongazange abuyele enkantolo emuva kokuphuma ngebheyili ecaleni abhekene nalo lokudlwengula owayeyisinqandamatha sakhe.

Kubikwa ukuthi umsolwa ogama lakhe nguTshidiso Mchael Mokhuane (45) uboshwa nje bese kunesikhathi ebalekela ingalo yomthetho kulandela ukungabuyeli kwakhe enkantolo ngaleli cala. Kubikwa ukuthi esigamekweni esenzeka mhla ka-1 kuNovember wango-2020, isisulu esineminyaka ewu-50 ubudala, sasilele nesoka laso eBloemspruit ngesikhathi bezwa umsindo wokufa kwe-glass.

Kubikwa ukuthi babe sebevuka okulapho babona khona uMokhuane ethuka ngaphandle, esabisa ngokungena ngendluzula ngaphakathi endlini. Ngenxa yokwesaba, kubikwa ukuthi isoka lesisulu labe selizivalela ngaphakathi egumbini lokulala lakhiya. Kuthiwa uMokhuane wabe esengena waphoqa isisulu ngenkani wahamba naso, waya emjondolo wakhe.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, kubikwa ukuthi wabe esedlwengula isisulu maqede wasivalela ubusuku bonke kwaze kwasa ngakusasa. Kuthiwa isisulu saphunyuka sabe sephindela endlini yesoka elisha, kwabe sekuyovulwa icala esiteshini samaphoyisa eBloemspruit. Kubikwa ukuthi uMakhuane wabe eseboshwa, wavela enkantolo ngecala lokudlwengula kwathi ekuhambeni kwesikhathi wabe esededelwa ngebheyili.

Kuthiwa emuva kokudedelwa ngebheyili, uMakhuane akabange esabuyela enkantolo. Kuthiwa inkantolo ibe isikhipha incwadi egunyaza ukuba aboshwe. Ngokwamaphoyisa, abe eselandela umkhondo emuva kokuncinzwa indlebe mayelana nalapho kucashe khona umsolwa.

Amaphoyisa ophiko lwe-Provincial Task Team kuthiwa abe esenikela emijondolo eseduzane naseSuncity khona eBloemspruit zabe seziyamkhalela. Kulindeleke ukuba avele enakntolo yeMantshi yaseBloemspruit baduze.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...