
I-ANC isikuqinisekisile ukudlula emhlabeni kowayengungqongqoshe wamaphoyisa, uMnu Nathi Mthethwa.
UMthethwa, obeseyinxula lakuleli eFrance, kunemibiko engaqinisekisiwe ethi ushone ngemuva “kokuziphonsa” esitezi sesi-22 kwelinye lamahhotela asenhlokodolobha yakuleliya lizwe, iParis.
Ngemuva kokushicilela enkundleni yokuxhumana iX (Twitter), ukuthi lokhu kungamampunge, uMnu Fikile Mbalula onguNobhala-jikelele we-ANC, uyikhiphile iPost, wafaka isitatimende seqembu lakhe, esiqinisekisa ukudlula kukaMthethwa.
Kwenzeka lokhu nje, ngeledlule kuvele igama likaMthethwa ebufakazini obethulwe nguMkhuzi wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, kwiKhomishini kaMadlanga, esola uMthethwa ngenkohlakalo nokugxambukela ekusebenzeni kwengalo yomthetho.
Umufi ubengungqongqoshe wamaphoyisa kusukela ngo-2009 kuya ku-2014.
“Siyi-African National Congress silimele kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaMthethwa. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini, kubangani, nakuwona wonke amaqabane. Siyazibophezela ukuma nabo kulesi sikhathi esinzima kangaka,” kusho isitatimende.







