Ilanga News
Home 9 Featured 9 Iphazanyiswe yizinja ingwe, iqeda umthandazi nezingane

Iphazanyiswe yizinja ingwe, iqeda umthandazi nezingane

by | 1 March 2026


IPHAZANYISWE yizinja ingwe ecishe yaqeda umtha-ndazi nezingane zakhe, imvu-kela ehlathini esendleleni, eyokhuleka empophomeni.
UMnu Mtholiseleni Gwamanda (42), waseNgubevu, eMabomvini, eMsinga, usindiswe wukubaleka, wakhwela esihlahleni nezingane zakhe ezintathu ngesikhathi izinja zilwa neNgwe ebizama ukubahla-sela.
Uthi uzwe ibhonga ehlathini, kanti nezinja bese ziyibonile.


Ngesikhathi iphula izihlahla, iza kuyena, uthi kusize izinja zakhe zayivimba, yaphazamiseka. Uthi izinja zakhe eziwu-6, zife zonke.
“Izinja ziqale ukukhonkotha mina ngingakayiboni, ngaleso sikhathi ibisibhonga.
“Ngitshele izingane ukuthi mazigibele emthini, ngoba bese ngiyi-bona iphakathi kwezihlahla ehlathini. Kuthe uma zisondela kuyona izinja, yaqonda ngqo kuzona, yashaya eyokuqala yafa ngaleso sikhathi.
“Ibiyimpi. Ibiza ngakimi izinja ziyiphazamisile, ziqhamuka ngaphambili, ezinye ziqhamuka emaceleni nangemuva. Yilapho-ke ngitho-le khona intuba yokubaleka, ngakhwela esihlahleni.


“Kuthe uma isibulele ezinye izinja, yaphunyula yeza ngakulesi sihlahla engibalekele kusona, ya-dlula ingangiboni yaze yagxumela esihlahleni somnqumo, yagibela kuso,” kusho uGwamanda.
Uthi ngesikhathi isikhwele esihlahleni, ukwazile ukuyibona, wathola ithuba lokukhipha isibha-mu sakhe, wagadla. Uthi uyishaye amahlandla amathathu wayithe-laphansi.


“Izinja ezintathu zisale enku-ndleni, ezinye ezintathu zafela ekhaya, ngoba bezilimele kanzima. Ngibonga izinja ezikwazile ukungivikela ngokuthi ziyiphazamise ngoba bengizofa nezingane zami,” esho.
Uthi amandla kaNkulunkulu makhulu ngoba kasikho isiqiwi endaweni yaseMsinga, akazi besi-qhamukaphi lesi silwane.
Emuva kokuyibulala kwakhe, uthi kusabalale ezinkundleni zokuxhumana, wabe esethola ucingo ezikhulwini zikahulumeni, zimazisa ukuthi iSilo uMisuzulu sicela ukulethelwa sona (isilwa-ne).


“Ifikile iNdlunkulu yasithatha isilwane nami, saya esigodlweni seSilo. Kuthe uma sifika khona, sathi iSilo siyabonga kakhulu ngobuqhawe bami. Sathi lesi silwane sibonwa ngamaqhawe kuphela,” esho.
Utshele ILANGA ukuthi iSilo simnikeze inkomo yenkabi, nemvi-lophi equkethe u-R30 000.
“ISilo sithe uma ngifika ekhaya, ngithenge imbuzi ngenze isiko elithile ngoba ukubulala kwami lesi silwane, kuyinto enkulu, futhi engenziwa yinoma ngubani,” esho.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...