
AKAYIFUNI iBafana Bafana enofefe ezitheni uHugo Broos ongumqeqeshi waleli qembu eliqhathwe ne-Egypt koka-group B ngoLwesihlanu ngo-17h00 eMorocco.
Yize iBafana iwuvule kahle lo mqhudelwano iguqisa ngo-2-1 i-Angola ngoMsombuluko ebusuku kodwa uBroos ukholwa wukuthi bebengenza kangcono kakhulu.
“Kasizange sikukhombise ukulambela ukunqoba lo mqhudelwano.
“Uma sizimisele ngokunqoba i-Afcon kuzofanele sishintshe ukwenza, siguqule nendlela esicabanga ngayo.
“Kasizile ukuzongcebeleka lana, sizolwa, sisempini, ngakho-ke kufanele siye emidlalweni ngalowo mqondo.
“Emdlalweni we-Egypt kufanele silwe, yiwona mdlalo okufanele sikhombise ngawo ukuthi sifuna ukusinqoba lesi sicoco,” esho.








