Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kufezeke iphupho likayise ejoyina iziMpofana

Kufezeke iphupho likayise ejoyina iziMpofana

by | 18 August 2025

SENZO SOKHELA

UTHI kufezeke iphupho likayise ngokujoyina kwakhe iKaizer Chiefs uSiphesihle “Mbesuma” Ndlovu (28) odlala esiswini kule kilabhu.

UNdlovu ujoyine iChiefs ekuqaleni kwale sizini, esuka kwiSuperSport United edayisiwe njengoba isiyiSiwelele FC.

Lo mdlali uwelise iChiefs eyishayela igoli enqobe ngalo ihlula iPolokwane City ngo-1-0 koweBetway Premiership eFNB Stadium, eSoweto ngoLwesithathu olwedlule. Ushaye leli goli esuka ebhentshini. 

NGUSIPHESIHLE Ndlovu (okwesokudla) enozakwabo uNkosingiphile Ngcobo noPule Mmodi, bejabulela igoli lakhe. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UNdlovu uthi kufezeke iphupho likayise ngokugcina ejoyine iChiefs.

“Bekuyiphupho likababa ukuthi ngijoyine iChiefs kwazise uqale ukuba ngumlandeli wayo eneminyaka yobudala ewu-17-18. Bekuvele kuyisifiso sami ukuthi ngilifeze iphupho lakhe, lokhu kusho lukhulu kimina. Esikhathini esedlule like lavela ithuba lokuthi ngijoyine iChiefs, kodwa kwangenzeka. Ngibe sengizitshela ukuthi kufanele ngisebenze kanzima ukuze kwenzeke, nangempela sekunjalo, sengilapha. Yisahluko sami esisha lesi, wuhambo lwami olumqoka empilweni yami, engethemba ukuthi luzoba yimpumelelo,” kusho uNdlovu.

UNdlovu kulindeleke ukuba abe yingxenye yeqembu leChiefs elizobhekana neRichards Bay FC kusasa ngoLwesibili ngo-19h30 eFNB Stadium.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...