Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UBroos usola ama-agent ngezinqumo ezishaya abadlali ngoba ejahe imali

UBroos usola ama-agent ngezinqumo ezishaya abadlali ngoba ejahe imali

by | 15 November 2024

SENZO SOKHELA

UKHALA ngama-agent abadlali angogombela kwezawo uHugo Broos oqeqesha iBafana Bafana njengoba ethi abulala abadlali bePremier Soccer League (PSL) ngokubakhethela amakilabhu abaphuphisayo.

UBroos – waseBelgium – usezakhele udumo ngokubeka imizwa yakhe njengoba injalo, kungakhathalekile ukuthi izokwehla kanjani kwabathile. “Sengikubone kaningi abadlali behamba eNingizimu Afrika, bafike bangadlaliswa emakilabhu amasha. Inkinga enkulu wukuthi bakhetha amakilabhu angabafanele abadlali. Kangikholwa ukuthi bayazikhethela, ngama-agent abo abakhethelayo ngoba efuna ukugcwalisa amaphakethe awo.

“Ngizokwenza isibonelo esiseduze nje, uMailula (Cassius, osesithombeni), ubeyaphi nje e-America, ubeyokwenzani? Uye ekilabhini lapho abeyobanga kuyona isikimu nabadlali ababili abebegijima eqenjini lesizwe lase-Italy. Umdlali waseNingizimu Afrika akasoze waba nethuba lokudlala kulesiya simo. Kumqoka ukuthi uma kuthathwa isinqumo esinjalo kubhekisiswe.

“Baningi abadlali abasebancane abahle, nokho kakufanele bahambe manje. Buka nje uCampbell (Shandre) kwiBrugge
(yaseBelgium), ngiyayazi ngoba ngihlalile khona, udlala ekilabhini encane yayo. Ngiyayazi le kilabhu ukuthi mhlawumbe ngokuphela kwesizini uzodlala esikimini esikhulu. Yiyona ndlela okufanele izinto zihambe ngayo. Inkinga wukuthi ama-agent yiwona anqumayo,” esho. 

www.ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...