Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

by | 20 September 2026

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma.

Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo ngokushona kwelungu lawo kukamfowabo. Kuthiwa umufi ubephuma ukuyochama emnyango elindwe yintombi, okuthiwa ibihleli embhedeni, sebelungiselela ukuyolala.

Umndeni uthi usadidwe yisenzo salona wesifazane, othe uhlale ubusuku bonke nesidumbu sikaMkhungo, engabikeli muntu, njengoba azise omakhelwane ekuseni. Udadewabo kamufi, uNkz Nonkululeko Mkhungo, uthe bafonelwe ekuseni ngoMsombuluko ngomakhelwane bakamfowabo, bebazisa ngokushona kwakhe.

“Ngiphuthumile ukuyobheka, ngafika kukhona yena lona wesifazane. Uma sibuza ukuthi ubezokwenzani endlini kamfowethu, usitshele ukuthi bese kunesikhathi umfowethu emshela, ubesezomqoma. Uthe bebephuza naye umfowethu e-tavern eseduze, wahamba kuqala ebashiya khona, eseyolala. Uthe ucabange umfowethu esehambile ukuthi kumele amqome ngoba kudala emshela, wamlandela, waya endlini yakhe.

“Uthe ufike wahlala naye, kwathi ngabo-9 ebusuku, umfowethu waphuma ethi uyochama sebelungiselela ukulala. Esebuya, uthe bebengakhanyisile endlini, wezwa umfowethu eklikliza. Uthe uthukile ezitshela ukuthi mhlawumbe kukhona omgwazile esemnyango, wathi uma emkhanyisa ngeselula, wathola ukuthi usethule.

“Uthe ugi- bele embhedeni wahlala kwaze kwasa, watshela aba- ntu sekusile,” esho.

Uthe ubatshele ukuthi ngesikhathi ehleli embhedeni, uthathe iselula kamfowabo neyakhe wawafaka emabeleni.
Emaphoyiseni lona wesifazane kuthiwa usho okufanayo, waze waveza nokuthi yena uvele uhlala nenye indoda, ubesazozama uthando olusha kuMkhungo.

Okhulumela amaPhoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Ntathu Ndlovu, uthe amaphoyisa aseMlazi avule icala lokufa komuntu, emuva kokuba owesilisa onemi- nyaka ewu-36 ubudala, eshokhwe wugesi washona Ezimeleni, kwa-V, eMlazi, ngoMsombuluko.

Ezisematheni

Amatomu asekwi-ANC ngobuholi bukaMasipala weTheku

Amatomu asekwi-ANC ngobuholi bukaMasipala weTheku

SELIDUMELA emasumpeni ngezingxoxo zokwakha uhulumeni wenhlanganisela eThekwini. Kusasa ngoLwesibili kuzobe kufungiswa amakhansela awu-223, azoba yingxenye yalo mkhandlu, bese kuqokwa izikhulu zawo okuyimeya, yiphini lemeya nosomlomo. Kusukela kuqale izingxoxo...

INkosi Albert Luthuli yachazeka ngoPhumzile Mlambo-Ngcuka

INkosi Albert Luthuli yachazeka ngoPhumzile Mlambo-Ngcuka

UMENGAMELI we-African National Congress (ANC), owaba ngowukuqala e-Afrika ukuklonyeliswa ngendondo yeNoble Peace Prize, iNkosi u-Albert Luthuli, ngo-1962 kuthiwa wake wavakashela umuzi kaMnu Michael Boy Mlambo, owayenguthisha eClermont, entshonalanga yeTheku. UMlambo...

Itshalwe ngesizotha ngohlelo lwamaNazaretha inkosi uMqadi

ITSHALWE ngesizotha inkosi yaseZembeni, eDududu iNkosi Mjokwana Mqadi , ngaphansi kukamasipala Ugu namuhla. Inkosi uMqadi ekhotheme ngeledlule, itshalwe ngohlelo lwenkonzo yamaNazaretha futhi bekuphume nezinkumbi zabantu, kukhona namakhosi esizwe, ibutho nezintombi...