Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ukugula kommeli kubambezele ukugwetshwa kowayeyisikhulu samaphoyisa

Ukugula kommeli kubambezele ukugwetshwa kowayeyisikhulu samaphoyisa

by | 31 March 2025

UKUGULA kommeli wabasolwa kubambezele ukugwetshwa kowayeyisikhulu samaphoyisa aseBhekithemba, eMlazi, nomkhulumeli wamaphoyisa kwisiFunda seNingizimu yeTheku, uKhephu Ndlovu, olahlwe yicala lokugwazelwa ngo-R120 000 ukuze “anyamalalise” idokodo lecala lokubulala umhloli we-ANC, uMnu Thulani Nxumalo, elalibhekene nenduna yakwaNdengezi uFelokwakhe Ndlovu, eyisihlobo sakhe (uKhephu) elenzeka ngo-2018.

UKhephu nabane aboshwe nabo kuleli cala okungu-Bonginkosi Dlamini, owayengumphenyi wecala lokubulawa kuka-Nxumalo, uSibongile Ndlovu ongunkosikazi kaFelokwakhe, uFelokwakhe Ndlovu (induna) kanye noLindokuhle Ndlovu, oyindodana kaFelokwakhe bebevele namuhla eNkantolo yesiFunda sasePinetown.

Lapho kuvele khona ukuthi inkantolo ngeke ikwazi ukukhipha isigwebo ngenxa yokugula kommeli kaSibongile noLindokuhle, uMnu Tembe. Umshushisi wecala uMnu Lawrence Gcaba utshele iMantshi uMuntukayise Khumalo ukuthi izinhlangothi zabammeli zivumelane ngosuku olusekuqaleni kuka-June okuyophuma ngalo isigwebo.

UKhephu, obengaphandle ngebheyili ngesikhathi kuqulwa icala ubeke phansi izintambo emaphoyiseni esesesigabeni Lt-Col ulahlwe yicala ngomhlaka 5 kulenyanga, wabe eseyogcinwa ejele lase-Westville. Ubufakazi obethulwe eNkantolo buveza ukuthi uKhephu noDlamini bemukela le mali ewu-R120 000 emagcekeni esiteshi samaphoyisa iDurban Central kuSibongile owayefuna kuphele icala likaFelokwakhe agcina egwetshwe udilikajele kulo.

Kuleli cala ubufakazi baveza ukuthi uFelokwakhe wayenokungaboni ngasolinye noNxumalo ngenxa yokuthi uFelokwakhe wayedayisa umhlaba engayilandeli imigudu efanele.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...