Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ukugula kommeli kubambezele ukugwetshwa kowayeyisikhulu samaphoyisa

Ukugula kommeli kubambezele ukugwetshwa kowayeyisikhulu samaphoyisa

by | 31 March 2025

UKUGULA kommeli wabasolwa kubambezele ukugwetshwa kowayeyisikhulu samaphoyisa aseBhekithemba, eMlazi, nomkhulumeli wamaphoyisa kwisiFunda seNingizimu yeTheku, uKhephu Ndlovu, olahlwe yicala lokugwazelwa ngo-R120 000 ukuze “anyamalalise” idokodo lecala lokubulala umhloli we-ANC, uMnu Thulani Nxumalo, elalibhekene nenduna yakwaNdengezi uFelokwakhe Ndlovu, eyisihlobo sakhe (uKhephu) elenzeka ngo-2018.

UKhephu nabane aboshwe nabo kuleli cala okungu-Bonginkosi Dlamini, owayengumphenyi wecala lokubulawa kuka-Nxumalo, uSibongile Ndlovu ongunkosikazi kaFelokwakhe, uFelokwakhe Ndlovu (induna) kanye noLindokuhle Ndlovu, oyindodana kaFelokwakhe bebevele namuhla eNkantolo yesiFunda sasePinetown.

Lapho kuvele khona ukuthi inkantolo ngeke ikwazi ukukhipha isigwebo ngenxa yokugula kommeli kaSibongile noLindokuhle, uMnu Tembe. Umshushisi wecala uMnu Lawrence Gcaba utshele iMantshi uMuntukayise Khumalo ukuthi izinhlangothi zabammeli zivumelane ngosuku olusekuqaleni kuka-June okuyophuma ngalo isigwebo.

UKhephu, obengaphandle ngebheyili ngesikhathi kuqulwa icala ubeke phansi izintambo emaphoyiseni esesesigabeni Lt-Col ulahlwe yicala ngomhlaka 5 kulenyanga, wabe eseyogcinwa ejele lase-Westville. Ubufakazi obethulwe eNkantolo buveza ukuthi uKhephu noDlamini bemukela le mali ewu-R120 000 emagcekeni esiteshi samaphoyisa iDurban Central kuSibongile owayefuna kuphele icala likaFelokwakhe agcina egwetshwe udilikajele kulo.

Kuleli cala ubufakazi baveza ukuthi uFelokwakhe wayenokungaboni ngasolinye noNxumalo ngenxa yokuthi uFelokwakhe wayedayisa umhlaba engayilandeli imigudu efanele.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...