Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ezikamabonakude/umculo 9 Ubuya ngomfutho ophindiwe umethuli wohlelo olulwa nezidakamizwa

Ubuya ngomfutho ophindiwe umethuli wohlelo olulwa nezidakamizwa

by | 17 April 2025

WETHEMBISA ukubuya ngomfutho ophindiwe kunakuqala uXolani Khumalo okhuza ibuya ohlelweni lweMoja Love, iSizokthola, olulwisana nezidleke zezidakamizwa emphakathini.


Kujabule abaningi ngoMsombuluko kuvela ezithi asehoxisiwe amacala okubulala, ukuzama ukubulala nelokucekela phansi impahla uXolani abebhekene nawo, aholele ekutheni amiswe emsebenzini. NgoLwesibili iMoja Love ikhiphe isitatimende iveza ukuthi uXolani uyabuyela emsebenzini wakhe.


Ngemuva kokumiswa kukaXolani (Khumalo) kulolu hlelo, ngenxa yalawa macala, izintambo zinikwe uXolani Maphanga.
UKhumalo uthi yize ebuqonda ubungozi nobunzima obuhambisana nomsebenzi wakhe, kodwa ngeke alehlise igiya empini yezidakamizwa. UKhumalo ubesolwa ngokubulala uRobert Varrie (49) ngoNtulikazi (July) ku-2023, owayesolwa ngokudayisa izidakamizwa.
“Yebo ngijabule ngokuthi amacala abengibhekene nawo ahoxisiwe, kodwa njengomuntu ononembeza kuyangithinta ukuthi kunomuntu owalahlekelwa yimpilo yakhe.


“Umshikashika wethu uyaqhubeka. Isizwe sethu siyaphela ngenxa yezidakamizwa,” kusho uKhumalo
Ubonge umndeni wakhe nabo bonke abebemeseka njengoba kade egqigqa enkantolo ngenxa yamacala abebhekene nawo.
“Ngibonga nawo wonke umphakathi waseNingizimu Afrika oweseka impi yokuqeda izidakamizwa emiphakathini yethu. Sizoqhubeka nokulwa ukuqeda izidakamizwa, sisize nabafowethu abacwile kuzona ukubayisa ema-rehab.
“Lokhu kasizenzeli thina nje, kodwa senzela ikusasa lezingane zethu,” esho.


ULivhuwani Dagada oyiHead of Channel, eMoja Love, uthe ukubuya kukaKhumalo kulolu hlelo kuqinisa ukuziphophezela kwalesi siteshi ekulweni nobugebengu nezidakamizwa emiphakathini.
Isizini yesine yeSizokthola kubhekwe ukuba iqale maduze ukukhonjiswa kuMoja Love.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...