Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UDiddy ulahlwe ngawokuqwayiza waphuma phambili kwamanye

UDiddy ulahlwe ngawokuqwayiza waphuma phambili kwamanye

by | 2 July 2025

ISILOMO somculi waphesheya kwezilwandle uSean Combs owaziwa ngelikaDiddy (Puff Daddy) ulahlwe ngamacala athinta ukuqwayiza waphuma phambili kwamanye abebhekene nawo okubalwa kuwo awokushushumbisa ngokocansi nokuqola.

Isinqumo sikaDiddy sikhishwe ngoLwesithathu ngemuva kwamasonto awu-8 kuqulwa leli cala.


UDiddy (55) utholwe emsulwa ngoxhaxha lwamanye amacala abebhekene nawo.

UDiddy ubebhekene namacala abalelwa ku-70 abethinta izigameko ezahluene zocansi ukunukubeza ngokocansi namanye ahlukene.

UDiddy waboshwa ngonyaka owedlule kanti kusukela aboshwa ubelokhu egcinwe ngaphakathi ezikhindini ejele laseBrooklyn eNew York.

UDiddy ngaphambi kokuba aboshwe ubengomunye wabaculi nosaziwayo abadume umhlaba wonke futhi abaziwayo ngezingoma okubalwa kuzo I’ll Be Missing You, I Need A Girl, Finna Get Loose, Its All About The Benjamins, Notorious B.I.G nezinye.

Kulindeleke ukuthi isigwebo siphume maduze ngala macala agcine emlahla lo saziwayo

Ezisematheni

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

LIHLOSE ukuqinisa ezokuphepha nokuthuthukisa umnotho ezinhla-nganweni zezitokofela, ngohlelo lwalo olusha lwezobuchwepheshe, lokudlala izitokofela ibhange lakwaFNB.Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi leli bhange liyokwe-thula ngokusemthethweni lolu hlelo...

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

KWAKUYISONTO ngomhlaka 11 kuNhlolanja (February) wango 1990, ngesikhathi uDkt Nelson Mandela, ekhululwa ejele laseVictor Vester, eWestern Cape. Umhlaba wonke wawuchwaza, abantu bethe njo komabonakude, bengakholwa ababekubona ngamehlo abo. Kwasekuphela iminyaka ewu-27,...