Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kubalwa nomzukulu kaMandela kwababoshwe emzini oseHoughton

Kubalwa nomzukulu kaMandela kwababoshwe emzini oseHoughton

by | 8 January 2025

KUBOSHWE abantu abahlanu emzini owawuhlala owayengumengameli wokuqala wentando yeningi, uNelson Mandela, oseHoughton, Egoli, ngemuva kokuba kutholakale imoto eyebiwe nesibhamu esingekho emthethweni.

Kunamahlebezi athi oyedwa wababoshiwe ngumzukulu kaMandela.

Kuthiwa amaphoyisa atheleke kulo muzi elandela umkhondo wemoto yohlobo lweToyota Corolla okubikwe ukuthi ithathwe kubanjwa inkunzi emgwaqweni uLouis Botha Avenue, e-Oaklands, khona eGoli.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uMnu Xolani Fihla uthe: “Bonke ababoshiwe babekwe icala lokutholwa nemoto eyebiwe nesibhamu esingekho emthethweni.

“Kwehlisa amaphaphu ukuthi sesingaqinisekisa kuthi isizulu esidunwe imoto siphaphile, kasilimalanga.” said Xolani Fihla, Joburg metro police spokesperson.

UFihla uthe amaphoyisa athole umbiko ngenkampani yesiqopha mkhondo (tracker) wokuthi le moto eyebiwe namuhla ngoLwesithathu ekuseni iyabonakala kulo muzi kaMandela.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...