Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kubalwa nomzukulu kaMandela kwababoshwe emzini oseHoughton

Kubalwa nomzukulu kaMandela kwababoshwe emzini oseHoughton

by | 8 January 2025

KUBOSHWE abantu abahlanu emzini owawuhlala owayengumengameli wokuqala wentando yeningi, uNelson Mandela, oseHoughton, Egoli, ngemuva kokuba kutholakale imoto eyebiwe nesibhamu esingekho emthethweni.

Kunamahlebezi athi oyedwa wababoshiwe ngumzukulu kaMandela.

Kuthiwa amaphoyisa atheleke kulo muzi elandela umkhondo wemoto yohlobo lweToyota Corolla okubikwe ukuthi ithathwe kubanjwa inkunzi emgwaqweni uLouis Botha Avenue, e-Oaklands, khona eGoli.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uMnu Xolani Fihla uthe: “Bonke ababoshiwe babekwe icala lokutholwa nemoto eyebiwe nesibhamu esingekho emthethweni.

“Kwehlisa amaphaphu ukuthi sesingaqinisekisa kuthi isizulu esidunwe imoto siphaphile, kasilimalanga.” said Xolani Fihla, Joburg metro police spokesperson.

UFihla uthe amaphoyisa athole umbiko ngenkampani yesiqopha mkhondo (tracker) wokuthi le moto eyebiwe namuhla ngoLwesithathu ekuseni iyabonakala kulo muzi kaMandela.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...