Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uzongcwatshwa ngoMgqibelo uthisha odutshulwe yisoka edivosa

Uzongcwatshwa ngoMgqibelo uthisha odutshulwe yisoka edivosa

by | 10 August 2026

UZONGCWATSHWA ngoMgqibelo kwaMachi, eHarding uthisha waseMzinhlanga Primary School okuthiwa ubulawe yisoka lakhe elingusomatekisi ephakathi nezinhlelo zokudivosa umyeni.

Uthisha uNkk Nomfundo Mtheshane (27) kuthiwa utshulwe yisoka lakhe elingusomatekisi uMnu Mthobisi Ndlovu (30) oqede wadula uninalumekazi uNkk Zanele Cynthia Ndlovu (40) wase eyazidubula washona naye.

Ngokuthola kweLANGA usomatekisi uNdlovu, ungcwatshwe izolo (ngeSonto) kanti uninalumekazi ungcwatshwa namuhla (ngoMsombuluko) njengoba uthisha uNkk Mtheshane ezongcwatshwa ngoMgqibelo.

Ukungcwatshwa kwalama lungu kuqinisekiswe yilungu lomndeni uNkz Thandazile Zindela.

“UMthobisi simngcwabe izolo kanti umalumekazi ungcwatshwa namuhla, bese kuthi uNkk Mtheshane uzongcwatshwa ngoMgqibelo khona kwaMachi. Emngcwabeni kaMthobisi bebekhona abakwaMachi nakokamalumekazi bakhona. Nathi sizoya emngcwabeni kaNkk Mtheshane,” esho.

Umthombo weLANGA uveze ukuthi kukhona umyalezo oqoshiwe okhuluma ngokudayiswa kwemoto okungenye yezinto okusolakala ukuthi ibe nomthelela ekutheni kugcine kwenzeka lesi sibhicongo.

Awufunanga ukuwuthumela kodwa uthe abomndeni banawo.

UNkz Zindela uthe akukho okunye angakuphawula ngaphandle kokuveza izinhlelo zomngcwabo kuphela.

UNdlovu obeshayela amatekisi eZingolweni kuthiwa kuthiwa uqale ngokuyohlasela uNkk Mtheshane obeyintombi yakhe okuthiwa umdubule ebuya esikoleni kwaMachi, wase ebuya ezodubula uninalumekazi eZingolweni wase ebhekisa isibhamu kuyena wazidubula washona.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...