
UJIKA nelanga ekhaya owesifazane othi waphoqeleka ukushiya umsebenzi, ngemuva kokuba eshaywe yiphoyisa likahulumeni elisebenzela esikhungweni sokuhlolelwa izincwadi zokushayela nokubhaliswa kwezimoto eXopo.
UNkz Thandeka Jele (43) uthi ngomhla ka-26 kuNhlangulana (June) nyakenye, wayesesiteshini samaphoyisa eyohlolelwa izincwadi zokushayela. Uthi wayefundela ukushayela kwesinye sezikole zokushayela ezisendaweni esiphethwe nguMnu Busani Phungula.
Ulandisa ngokuthi ngalolu suku, babebaningi abantu ababezohlolwa futhi iningi labo laliphuma elolini okuhlolwa ngalo likhala ngephoyisa elalenza umsebenzi wokuhlolwa kwabantu kulesi sikhungo.
“Nami ngangena elolini. Iphoyisa engalithola ngaphakathi elolini langibiza ngamaganyana angemnandi kodwa ngabekezela. Lagcina selingibiza ‘ngesilima’ lithi nami ngingesinye sezidomu ezilethwa esikhungweni zizothithiza.
“Ngazama ukubekezela ngaqhubeka nokwenza akushoyo. Wayelokhu engithethisa. Wagcina esengishaya nge-tablet ephathwa ngamaphoyisa uma ezohlola abafundela ukushayela. Ngesithi engishaya, ngabuzwa ubuhlungu ngaphuma elolini ngikhala. Wangithatha wangivalela kwelinye ihhovisi. Ngagcinwa isikhathi esingaphezulu kwehora kuleli hhovisi.
“Ubaba uPhungula owayengilethe kulesi sikhungo wafika naye, wangithola ngikhala. Bazama ukukhuluma bobabili yena nephoyisa kodwa akubanga khona ukuvumelana,” esho.


Uthi lesi sigameko siphazamise impilo yakhe njengoba ayekade esebenza esibhedlela sikahulumeni eMzimkhulu, kodwa eyitoho. Uthi okumphatha kabi wukuthi namanje kaliboshiwe leliphoyisa.
“Ngaphoqeleka ukuba ngishiye itoho. Ngosuku lwesigameko, ngaya emtholampilo, bangidlulisela esibhedlela esikhulu. Ngigqigqe esibhedlela ngagcina sengitholelwa ungoti ozobheka umonakalo owadaleka esandleni sami. Ungoti wathi kufanele ngikhonkwe, ngahlala izinyanga eziyisihlanu nokhonkolo esandleni.
“Ithambo elephuka labuyiselwa ngokuthi kufakwe insimbi. Okungiphatha kabi wukuthi namanje akaboshiwe lomuntu wesifazane owanihlukumeza. Uyasho nokusho ukuthi uthi angeke aboshwe yena ngoba uyiphoyisa futhi wethembe abameli bakhe. Ngazama ukuthi athunyelelwe inani lemali yezindleko zokuya esibhedlela,” kuchaza yena.
ILANGA lixhumane noMnu Phungula obhoke ngolaka, wathi akafuni ukukhuluma ngalolu daba.
“Ngeke mina ngikhulume nani ngalolo daba. Angikhulumi nabantu engingabazi,” esho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Paul Magwaza uthe amaphoyisa aseXopo abophe owesifazane oneminyaka ewu-42 ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza kulandela isigameko sokushaywa kommangali oneminyaka ewu-43.
“Umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseXopo ngomhla ka-18 kuNhlolanja (February). Icala lihlehliselwe umhla ka-20 kuNdasa (March) kophezulu. Ngokwemibiko ekhona kuvela ukuthi isisulu sangeniswa esibhedlela ngemuva kokuba sithole ukulimala engalweni,” kuphetha uMagwaza.
