Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ufuna ubulungiswa ‘owashaywa yiphoyisa nge-tablet’

Ufuna ubulungiswa ‘owashaywa yiphoyisa nge-tablet’

by | 19 March 2025

UJIKA nelanga ekhaya owesifazane othi waphoqeleka ukushiya umsebenzi, ngemuva kokuba eshaywe yiphoyisa likahulumeni elisebenzela esikhungweni sokuhlolelwa izincwadi zokushayela nokubhaliswa kwezimoto eXopo.

UNkz Thandeka Jele (43) uthi ngomhla ka-26 kuNhlangulana (June) nyakenye, wayesesiteshini samaphoyisa eyohlolelwa izincwadi zokushayela. Uthi wayefundela ukushayela kwesinye sezikole zokushayela ezisendaweni esiphethwe nguMnu Busani Phungula.

Ulandisa ngokuthi ngalolu suku, babebaningi abantu ababezohlolwa futhi iningi labo laliphuma elolini okuhlolwa ngalo likhala ngephoyisa elalenza umsebenzi wokuhlolwa kwabantu kulesi sikhungo.

“Nami ngangena elolini. Iphoyisa engalithola ngaphakathi elolini langibiza ngamaganyana angemnandi kodwa ngabekezela. Lagcina selingibiza ‘ngesilima’ lithi nami ngingesinye sezidomu ezilethwa esikhungweni zizothithiza.

“Ngazama ukubekezela ngaqhubeka nokwenza akushoyo. Wayelokhu engithethisa. Wagcina esengishaya nge-tablet ephathwa ngamaphoyisa uma ezohlola abafundela ukushayela. Ngesithi engishaya, ngabuzwa ubuhlungu ngaphuma elolini ngikhala. Wangithatha wangivalela kwelinye ihhovisi. Ngagcinwa isikhathi esingaphezulu kwehora kuleli hhovisi.

“Ubaba uPhungula owayengilethe kulesi sikhungo wafika naye, wangithola ngikhala. Bazama ukukhuluma bobabili yena nephoyisa kodwa akubanga khona ukuvumelana,” esho.

Uthi lesi sigameko siphazamise impilo yakhe njengoba ayekade esebenza esibhedlela sikahulumeni eMzimkhulu, kodwa eyitoho. Uthi okumphatha kabi wukuthi namanje kaliboshiwe leliphoyisa.

“Ngaphoqeleka ukuba ngishiye itoho. Ngosuku lwesigameko, ngaya emtholampilo, bangidlulisela esibhedlela esikhulu. Ngigqigqe esibhedlela ngagcina sengitholelwa ungoti ozobheka umonakalo owadaleka esandleni sami. Ungoti wathi kufanele ngikhonkwe, ngahlala izinyanga eziyisihlanu nokhonkolo esandleni.

“Ithambo elephuka labuyiselwa ngokuthi kufakwe insimbi. Okungiphatha kabi wukuthi namanje akaboshiwe lomuntu wesifazane owanihlukumeza. Uyasho nokusho ukuthi uthi angeke aboshwe yena ngoba uyiphoyisa futhi wethembe abameli bakhe. Ngazama ukuthi athunyelelwe inani lemali yezindleko zokuya esibhedlela,” kuchaza yena.

ILANGA lixhumane noMnu Phungula obhoke ngolaka, wathi akafuni ukukhuluma ngalolu daba.

“Ngeke mina ngikhulume nani ngalolo daba. Angikhulumi nabantu engingabazi,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Paul Magwaza uthe amaphoyisa aseXopo abophe owesifazane oneminyaka ewu-42 ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza kulandela isigameko sokushaywa kommangali oneminyaka ewu-43.

“Umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseXopo ngomhla ka-18 kuNhlolanja (February). Icala lihlehliselwe umhla ka-20 kuNdasa (March) kophezulu. Ngokwemibiko ekhona kuvela ukuthi isisulu sangeniswa esibhedlela ngemuva kokuba sithole ukulimala engalweni,” kuphetha uMagwaza.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...