Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ube yimpumelelo uMkhosi woMhlanga waseSwazini

Ube yimpumelelo uMkhosi woMhlanga waseSwazini

by | 8 September 2025

IFISELE izilokotho ezinhle izimbali zezwe layo iNgonyama uMakhosetive ‘Mswati III’ Dlamini. UMswati wamukele umhlanga owethulwe yezintombi-nto ebe zivela ezingxenyeni ezahlukene zezwe lakhe ngoMgqibelo.

UMkhosi woMhlanga wakuleliya lizwe ububanjelwe esigodlweni eLudzidzini, kaLobamba, phakathi kwedolobha iManzini nenhloko-dolobha yakhona iMbabane. Lo mkhosi uthathe isonto lonke. Uhanjelwa ngisho nangamantombazanyana aneminyaka esukela kweyisikhombisa.

Owakulo nyaka ubuhanjelwe yizicukuthwane ezivela emazweni ahlukene, okubalwa kuzona uMnu Ian Khama owayengumengameli waseBotswana, uMnu Emmerson Mnangangwa onguMengameli waseZimbabwe, noMnu Jacob Zuma owayengumengameli waseNingizimu-Afrika. 

Phakathi kwabethule umhlanga phambi kweNgonyama uMswati kubalwa nondlunkulu wayo omncane uNomcebo Zuma-Dlamini. UNomcebo waqokwa yiSilo Mswati III kuwona lo mcimbi nyakenye. 

Uyindodakazi kaMnu Zuma ongumngani omkhulu weNgonyama uDlamini. Yethula inkulumo yayo iNgonyama, ifisele izimbali zezwe layo izilokotho ezinhle zonyaka nangonyaka ozayo.

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...