Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Ufuna ukwenza kahle kwiZululand District Marathon

Ufuna ukwenza kahle kwiZululand District Marathon

by | 13 April 2026

UFIKILE Mbuthuma weNedbank Running Club ungomunye wabasubathi asebekuqinisekisile ukuthi bazokube beyingxenye yeZululand District Marathon (ZDM) ezokuba ngeSonto isukela oLundi, isongwe KwaNongoma.

Lo mjaho ugcine ukuba khona ngo-2019 kanti uMasipala wesiFunda iZululand ukuqinisekisile ukuthi lo mjaho uyabuya ngenhloso yokusiza abasubathi baseZululand ukwenza izikhathi zokuya kwiComrades Marathon ezokuba mhla ka-14 kuNhlangulana (June), isukela eThekwini iphelele eMgungundlovu.

UFikile ungomunye wabasubathi abahlonishwayo KwaZulu-Natal njengoba ebe ngumsubathi wokuqala wesifundazwe ukuhlomule ngendondo yegolide kwiComarades Marathon, lokho akwenze ngo-2016.

“Ngijabule kakhulu ngokubuya kweZDM. Ingomunye wemijaho ebalulekile kubagijima ukubasiza uma beya kwiComrades. Lo mjaho bengihlale ngiwugijima kanti ngike ngaphuma isibili kuwona, sibheke KwaNongoma. Ngeke ngiqambe amanga lo mjaho unzima. Izinselelo zawo zifana ncamashi nezeComrades Marathon. Kumina uba nzima kakhulu uma sekusele u-12km ukuba sifike KwaNongoma. Ukuwuqeda kwenza ungabi nankinga kwiComrades.

“Uma ufuna ukugijima kahle iComrades Marathon, iZDM yiwona mjaho wokuzihlola ukuthi uqatha kangakanani. Engikubhekile wukukwazi ukungena nabokuqala abalishumi,” kusho uFikile osanda kungena unombolo 2 kwiBest of the Best Marathon, eqopha isikhathi esiwu-3:06, elandela uRholex Kogo owaba yingqwele.

“Kulo nyaka isifiso sami esikhulu wukungena nabokuqala abalishumi kwiComrades. Uma ngikwazile ukukwenza lokho kobe kufeziwe,” kusho uFikile.

Izingqwele zalo mjaho zizohlomula ngo-R100 000, isibili kube wu-R50 000 no-R25 000 kwabazongena isithathu. Izinamba zizolandwa ngoMgqibelo ePrince Mangosuthu Regional Airport kusuka ngo-10h00 ekuseni. Abafuna ukungenela bangangena kwi-website ethi: www.webtickets.co.za.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...