Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 ISuperSportsbets ichaza okwenze yaxhasa iChiefs nePirates

ISuperSportsbets ichaza okwenze yaxhasa iChiefs nePirates

by | 5 May 2025

ISIKHULU esiphezulu kwaSuperSportbets, engabaxhasi beKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, sicacisa ngesizathu esenze baxhasa lawa makilabhu ayizingqungqulu ebholeni laseNingizimu Afrika.


IPirates iguqise omkhaya bayo iKaizer Chiefs ngo-2-1 koweBetway Premiership ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium, eSoweto ngamagoli ka-Evidence Makgopa noRelebohile Mofokeng. EleChiefs livalelwe enethini nguGlody Lilepo.

La makilabhu azophinde abhekane kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-15h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.


UGrant Greef oyisikhulu esiphezulu kwaSuperSportbets uthe: “Sinqume ukuxhasa la makilabhu ngoba athandwa kakhulu, okuzokwenyusa izinga lo mkhiqizo wethu nowawo uqobo.

“Ngendlela athandwa ngayo la makilabhu kithina afana ncamishi namaSpringbok, uma uzihlanganisa nawo umkhiqizo wakho uhlale usemehlweni abantu. Abalandeli bahlale ngaso sonke isikhathi bekhuluma ngawo.

Uthe umqhudelwano wabo wozowina indlu uyaqhubeka kuze kube wuNtulikazi (July).

Uwafisele inhlanhla lawa makilabhu koweNedbank Cup. Khonamanjalo, ayaqala manje ngo-10am ukudayiswa amathikithi okuyobuka lo mdlalo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...