Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 ISuperSportsbets ichaza okwenze yaxhasa iChiefs nePirates

ISuperSportsbets ichaza okwenze yaxhasa iChiefs nePirates

by | 5 May 2025

ISIKHULU esiphezulu kwaSuperSportbets, engabaxhasi beKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, sicacisa ngesizathu esenze baxhasa lawa makilabhu ayizingqungqulu ebholeni laseNingizimu Afrika.


IPirates iguqise omkhaya bayo iKaizer Chiefs ngo-2-1 koweBetway Premiership ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium, eSoweto ngamagoli ka-Evidence Makgopa noRelebohile Mofokeng. EleChiefs livalelwe enethini nguGlody Lilepo.

La makilabhu azophinde abhekane kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-15h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.


UGrant Greef oyisikhulu esiphezulu kwaSuperSportbets uthe: “Sinqume ukuxhasa la makilabhu ngoba athandwa kakhulu, okuzokwenyusa izinga lo mkhiqizo wethu nowawo uqobo.

“Ngendlela athandwa ngayo la makilabhu kithina afana ncamishi namaSpringbok, uma uzihlanganisa nawo umkhiqizo wakho uhlale usemehlweni abantu. Abalandeli bahlale ngaso sonke isikhathi bekhuluma ngawo.

Uthe umqhudelwano wabo wozowina indlu uyaqhubeka kuze kube wuNtulikazi (July).

Uwafisele inhlanhla lawa makilabhu koweNedbank Cup. Khonamanjalo, ayaqala manje ngo-10am ukudayiswa amathikithi okuyobuka lo mdlalo.

Ezisematheni

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama...

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...