Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ufunde lukhulu kwezomculo ngesikhathi eseNew York

Ufunde lukhulu kwezomculo ngesikhathi eseNew York

by | 7 July 2025

EMINYAKENI emibili eyedlule uSmiso Shezi ubezinze eNew York lapho efunde khona okuningi okumsize kwemzoculo. Le nsizwa yaseGreytown kepha ezinze eThekwini ithi ukubuya kwayo kusho ukufezeka kwephupho layo lomculo – ifika ngegiya eliphezulu kumapiyano isebenzisayo nasebezakhele ugazi kulolu hlobo lomculo okuwuBlaq Major, DM Keey noLuvintage kwicwecwe layo elisha.

Exoxisana neLANGA ngengoma yakhe entsha esihloko sithi iBill uthi: “I-bill kayikhulumi ngempilo yokusokola kodwa ikhuluma ngokuthi ukusebenza kanzima kunezithelo. Esikhathini esiningi abantu basebenza kanzima baze bafinyelele esicongweni kepha sebekuso isicongo bangazi ukuthi bazozijabulisa kanjani,” esho. USmiso ubaziwa kakhulu kubathandi be-hip hop njengoba esengene ngapha kumapiyano, uthi uthando lwe-hip hop akalushiyile ngemuva ngoba zombili lei zinhlobo zomculo ziyakwazi ukusebenzelana.

“Le ngoma ikukhumbuza ngokuzijabulisa nokuthi unjani umuzwa wokuzwa izinto ezinhle empilweni ungum-Afrika. Ixoxa ngokuhlanganisa abangani nizithokozise, nibungaze impilo. Isikhathi sezinyembezi siphelile, impilo imfushane kubalulekile ukuzijabulisa ngalokho okuncane onakho,” kuqhuba uSmiso onenkampani yokuqopha ezimele adidiyela ngaphansi kwayo.

Uthi le ngoma isiqalelile ukungena kubantu futhi bayathokozela. “Ngifisa abantu bazijwayeze ukujsbula, kuningi esesidlule kukho eNingizimu Afrika. Kubalukile ukudla nokuthokozela izithukuthu zakho isikhathi sisekhona,” kuchaza uSmiso.

Ezisematheni

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

KALIKHO iqembu elizowina udede, liphathe lodwa kuMasipala weTheku okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kuvezwe wucwaningo oluqhutshwa yiMark Data Poll, olucwaninga ngemiphumela yalolu khetho komasipala abahlukene. Ucwaningo...

Kuchithwa olwencwadi egunyaza ukuboshwa kwabaholi beMarch and March

Kuchithwa olwencwadi egunyaza ukuboshwa kwabaholi beMarch and March

UPHIKO lwezokuShushisa seluphumele obala luchitha indaba yencwadi egunyaza ukubishwa komsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma nomyeni wakhe, uMnu Xolani Zuma.Lokhu ikusho njengoba kusabalele indaba yokuthi laba bobabili kumele baboshwe njengoba kuke...

Iphinde yahlabana ngezindondo i-ICC yaseThekwini

Iphinde yahlabana ngezindondo i-ICC yaseThekwini

ISIKHUNGO okubanjelwa kuso imihlangano nemicimbi, iNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), esiseThekwini, siphinde saklonyeliswa ngezindondo ezimbili ezisezingeni lomhlaba. Emcimbini obuseJamaica kuleli sonto, wokokuhlonipha izikhungo...