Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ufunde lukhulu kwezomculo ngesikhathi eseNew York

Ufunde lukhulu kwezomculo ngesikhathi eseNew York

by | 7 July 2025

EMINYAKENI emibili eyedlule uSmiso Shezi ubezinze eNew York lapho efunde khona okuningi okumsize kwemzoculo. Le nsizwa yaseGreytown kepha ezinze eThekwini ithi ukubuya kwayo kusho ukufezeka kwephupho layo lomculo – ifika ngegiya eliphezulu kumapiyano isebenzisayo nasebezakhele ugazi kulolu hlobo lomculo okuwuBlaq Major, DM Keey noLuvintage kwicwecwe layo elisha.

Exoxisana neLANGA ngengoma yakhe entsha esihloko sithi iBill uthi: “I-bill kayikhulumi ngempilo yokusokola kodwa ikhuluma ngokuthi ukusebenza kanzima kunezithelo. Esikhathini esiningi abantu basebenza kanzima baze bafinyelele esicongweni kepha sebekuso isicongo bangazi ukuthi bazozijabulisa kanjani,” esho. USmiso ubaziwa kakhulu kubathandi be-hip hop njengoba esengene ngapha kumapiyano, uthi uthando lwe-hip hop akalushiyile ngemuva ngoba zombili lei zinhlobo zomculo ziyakwazi ukusebenzelana.

“Le ngoma ikukhumbuza ngokuzijabulisa nokuthi unjani umuzwa wokuzwa izinto ezinhle empilweni ungum-Afrika. Ixoxa ngokuhlanganisa abangani nizithokozise, nibungaze impilo. Isikhathi sezinyembezi siphelile, impilo imfushane kubalulekile ukuzijabulisa ngalokho okuncane onakho,” kuqhuba uSmiso onenkampani yokuqopha ezimele adidiyela ngaphansi kwayo.

Uthi le ngoma isiqalelile ukungena kubantu futhi bayathokozela. “Ngifisa abantu bazijwayeze ukujsbula, kuningi esesidlule kukho eNingizimu Afrika. Kubalukile ukudla nokuthokozela izithukuthu zakho isikhathi sisekhona,” kuchaza uSmiso.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...