Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uyaqhubeka umsebenzi eRBM ngemuva kokuqubuka komlilo

Uyaqhubeka umsebenzi eRBM ngemuva kokuqubuka komlilo

by | 20 January 2026

IZICISHAMLILO zikwazile ukulwa zizezinqobe ikloba lomlilo, eliqubuke enkampanini iRichards Bay Minerals (RBM), ngoMsombuluko. Isitatimende esikhishwe yinkampani, ngoLwesibili sithi umlilo udalwe yinkinga kumakhebuli kagesi akekho umuntu othungeleke emlilweni, njengoba bekunalezo zinsolo.


“Abekho abasebenzi benkampani abalimele kulomlilo. Nalabo abasebenza ezinkontilekeni, ezingaphakathi enkampanini, abathintekanga. Yize uphenyo lusaqhubeka ngenhloso yokuthi imililo enje, ingaphinde iqubuke enkampanini. Singakuqinisekisa ukuthi ukusebenza kuqhubekile, namhlanje ekuseni,” kusho isitatimende.


Umlilo uqubuke ehhovisi lalapho, kumbiwa khona umkhiqizo. Inkampani iRBM, iyaphika ukuthi umlilo uthungelwe ngabantu abanezikhalo ngendlela izinto eziqhutshwa ngayo, ikakhulukazi ukuphathwa kwabasebenzi, njengoba bekubikiwe. Inkampani ayidalulanga ukuthi ubalelwa emalini engakanani, umonakalo odaleke ngokuqubuka kwalomlilo.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...