Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uyaqhubeka umsebenzi eRBM ngemuva kokuqubuka komlilo

Uyaqhubeka umsebenzi eRBM ngemuva kokuqubuka komlilo

by | 20 January 2026

IZICISHAMLILO zikwazile ukulwa zizezinqobe ikloba lomlilo, eliqubuke enkampanini iRichards Bay Minerals (RBM), ngoMsombuluko. Isitatimende esikhishwe yinkampani, ngoLwesibili sithi umlilo udalwe yinkinga kumakhebuli kagesi akekho umuntu othungeleke emlilweni, njengoba bekunalezo zinsolo.


“Abekho abasebenzi benkampani abalimele kulomlilo. Nalabo abasebenza ezinkontilekeni, ezingaphakathi enkampanini, abathintekanga. Yize uphenyo lusaqhubeka ngenhloso yokuthi imililo enje, ingaphinde iqubuke enkampanini. Singakuqinisekisa ukuthi ukusebenza kuqhubekile, namhlanje ekuseni,” kusho isitatimende.


Umlilo uqubuke ehhovisi lalapho, kumbiwa khona umkhiqizo. Inkampani iRBM, iyaphika ukuthi umlilo uthungelwe ngabantu abanezikhalo ngendlela izinto eziqhutshwa ngayo, ikakhulukazi ukuphathwa kwabasebenzi, njengoba bekubikiwe. Inkampani ayidalulanga ukuthi ubalelwa emalini engakanani, umonakalo odaleke ngokuqubuka kwalomlilo.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...