Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uzogugela ejele obehlalise lubhojozi umphakathi eJozini

Uzogugela ejele obehlalise lubhojozi umphakathi eJozini

by | 27 February 2025

UGIXATSHEZWE ngeminyaka ewu-88 ebhadla ejele, owesilisa obehlalise kabi umphakathi ngokunukubeza abesifazane asebekhulile nezingane eJozini phakathi kuka-2019 no-2020.

NgoLwesibili iNkantolo yasoPhongolo igwebe uMduduzi Nxumalo (43) ngemuva kokulahlwa wuxhaxha lwamacala avulelwa wona yizisulu nabazali bazo.

UMduduzi ugwetshelwe namanye amacala, okubalwa kuwona awokuthumba, ukushaya ngenhloso yokulimaza nokuhlukumeza ngokocansi.

ILANGA labika ngodaba lomsolwa owayehlalise lubhojozi umphakathi, amalungu omphakathi nezinhlaka ezilwisana nobugebengu, baphuma inqina, kwathungathwa umsolwa, wabanjwa, “kwaxoxwa naye”. Akawaphikanga amacala ngesikhathi ebanjiwe.

Ingxenye yamalungu omphakathi ikhulume naleli phephandaba yazwakalise ukusithokozela isigwebo esinikwe uMduduzi.

Bathe singcono isigwebo seminyaka kunokumenyezelwa esokuthi uzodilikelwa yijele, kuthi ngemuva kweminyaka engamashumi amabili, adedelwe.

“Kusithokozisile ukuthi ekugcineni ugwetshiwe lo muntu ngoba besihlala ngokwesaba ukuthi kusengenzeka adedelwe, abuye azoqhubeka nemikhuba yakhe.

“Lo muntu wayedlwengula ngisho izalukazi. IJozini isiphenduke indawo okudlalela kuyona omalugaju ngoba kugwetshwa lona nje, kuvele kulezi zinsuku kasisabazi ubuthongo ngenxa yowesilisa ohlala emahlathini okuhamba kuwona izingane zezikole.

“Siyabonga ngokwenziwe yinkantolo, futhi kasizisoli ngokuhlala siya khona uma kuqulwa icala,” kusho uNkz Masango elingatholakalanga igama lakhe.

Leli cala beliqulwa yiMantshi uMnu Itumeleng Balepile, kushushisa uNkz S Nyawo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...