Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uhulumeni waseKZN unikelele amaphoyisa ngezimoto eziwu-36

Uhulumeni waseKZN unikelele amaphoyisa ngezimoto eziwu-36

by | 17 December 2024

KUSOLWA izigebengu ezidonsa iminyaka ejele ngokuba obhongoza kwezinye zezigameko zobugebengu ebenzeka emphakathini. Lokhu kuvezwe uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natal, uLt Colonel Nhlanhla Mkhwanazi ngesikhathi uNdunankulu waseKZN, uMnu Thami Ntuli ememezela izibalo zobugebengu kwikota yesibili yonyaka phakathi kukaJuly no-September nonyaka.

UNtuli uthe nakuba izinga lobugebengu lisaphezulu kodwa uyajabula ngokusebenza kwamaphoyisa ngaphansi kobuholi bukaMkhwanazi. Uthe ngaphandle kwalobu buholi ngabe isimo sobugebengu sibi kakhulu esifundazweni. UNtuli uthe amaphoyisa ayaqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukulwa nobugebengu emphakathini. Uqhube ngokuthi njengoba sekuyisikhathi samaholidi bazoqhubeka nokuqapha isimo ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya njengoba zivamise ukwanda izigameko zodlame lwezigodi.

UNtuli kulesi sithangami sabezindaba ngoLwesibili uphinde wanikela ngezimoto zamaphoyisa eziwu-36 eziqhamuka kuhulumeni wesifundazwe. Enikela ngalezi zimoto uNtuli uthe unethemba lokuthi ukufika kwalezi zimoto kuzowuletha umehluko emphakathini nangendlela amaphoyisa azophendula ngayo uma ebizwa lapho kunobugebengu khona. Uqhube wathi kuyamkhathaza ukuzwa ukuthi kuneziteshi zamaphoyisa ezisahlangabezana nezinkinga zezimoto zokusebenza.

UMkhwanazi emukela lezi zimoto ubonge undunankulu wathembisa ukuthi uzoqinisekisa ukuthi zisetshenziswa ngendlela efanele. Uthe bengamaphoyisa bazoqhubeka nokulwa nobugebengu ngazo zonke izindlela abangakwazi ukulwa ngazo. Uveze ukuthi ngokwabo akekho okumele abulawe uma kuliwa nobugebengu kodwa isimo siyaphoqa kwesinye isikhathi ukuthi basebenzise indlela yokuzivikela bengamaphoyisa.

“Sisempini okumele siyinqobe singamaphoyisa. Nakithina kubuhlungu ukuzwa ngomunye wethu esebulewe yizigebengu,” kusho uMkhwanazi ukuthi kule mpelasonto eyedlule kubulawe amaphoyisa amathathu ezigamekweni ezahlukene.

UMkhwanazi uveze ukuthi okukhathaza kakhulu ngobunye ubugebengu obuqhubekayo emphakathini wukuthi buhlelwa yizigebengu ezidonsa iminyaka emajele. “Lokhu kusishiya nemibuzo ngamajele ethu,” kusho uMkhwanazi.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...