Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Banxuswa ukuyovuselela abahola isibonelelo sikahulumeni

Banxuswa ukuyovuselela abahola isibonelelo sikahulumeni

by | 19 February 2026


BANGASE bavalelwe imali yesibonelelo sikahulumeni, noma sifike sekwedlule isikhathi, abashaya indiva imiyalezo kamakhalekhukwini yakwaSouth African Social Security Agency (Sassa).


Le nhlangano ithi abathola amaSMS oku-buyekezwa kwesibone-lelo sikahulumeni, ku-mele basukume ngoku-shesha.
“Uma uthola iSMS, lowo oholayo kumele asebenzise lelo thuba ukuvakashela amahhovisi akwaSassa, uku-gwema ukuvaleka kwemali yesibonelelo,” kusho abakwaSassa.


Bathi ukubuyekezwa kwezibonelelo kuse-mthethweni, ukuqinisekisa ukuthi imali yesibonelelo ikhokhelwa abantu abafanele.
Inhloso wukugwema ukukhwabanisa noku-phindeka kwezicelo, abakwaSassa abathi kuholela ekulahlekeni kwemali yabakhokhi bentela.


Ukubuyekezwa kwe-zicelo kwenziwa ema-hhovisi akwaSassa, ko-dwa le nhlangano ithi kungenzeka kube noshintsho ngokuzayo.
“Esikhathini esizayo, le nhlangano ingase ye-thule ukubuyekezwa kwezicelo, kusetshenzi-swa uhlelo lwa-online ukwehlisa ukugcwala kwabantu emahhovisi.


Kunxenxwa abathola isibonelelo sikahulumeni ukuba baqiniseki-se ukuthi iminingwane yabo ingeyakamuva. Kumele baphathe:

  • Umazisi (ID) oka-nye i-smart ID card
    *Incwadi yomholo (proof of income) (kungaba i-payslip, i-pension slip noma i-affidavit kongaqashiwe )
    *Isitatimende sase-bhange sezinyanga ezi-ntathu
    *Incwadi eshoyo ukuthi uhlala kuphi
  • Incwadi kadokotela (eqinisekisa ukuthi uphila nokukhubazeka noma eyokugula)
  • Isitifiketi somshado noma sedivozi (uma kunesidingo)
  • Isitifiketi sokufa (uma kukhona oshonile)
    Noma kungabe yimaphi amaphepha athinta uhlobo lwesibonelelo sakho. Isibonelo yisitifi-keti sokuzalwa uma ku-ngesengane, incwadi yasesikoleni uma kuyi-Foster Care Grant.
    Uma oholayo egulela embhedeni noma enga-kwazi ukuvakashela emahhovisi, lokho ku-mele kubikwe ukuze kuqokwe umuntu ozomumela.

Izinsuku zokuhola zenyanga ezayo uMarch:
Eyabadala, March 3 2026
Eyabaphila nokukhubazeka, March 4 2026
Eyezingane, March 5 2026

Ezisematheni

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

KUBHUNTSHE inkonzo yokubusisa ithempeli ebihlelwe ngamaNazaretha aseKuphakameni, aholwa yiNkosi uVukile “iNcoyincoyi” Shembe, ngenxa yombango wendawo ophakathi kwalolu hlangothi nolwaseBuhleni, oluholwa yiNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.  Le nkonzo obekumele ibe...

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

KUTHOLAKALE imoto nesidumbu somsolwa oyanyansiwa nesigameko sokubanjwa kwemoto yemali esigamekweni esenzeke edolobheni laseKranskorp izolo ngoMsombuluko.  Ngokombiko wamaphoyisa, le sidumbu sitholakale namuhla emgwaqweni oowubhuqu obheke eNkandla,  eduze komfula...

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

KUSUKELA kwesobunxele nguMnu Lindani Shandu, olale isibili, nguMnu Bongani Malimela onqobe umklomelo wokuba ngumshayeli ovelele noMnu Sithembiso Zikalala olale isithathu. AYILOKOTHI itekisi ngoMgqibelo inhlalisuthi enqobe umklomelo wokuba ngumshayeli wetekisi ovelele...