Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sitheleka namuhla e-Eastern Cape isidumbu sikaDkt Mlambo Ngcuka

Sitheleka namuhla e-Eastern Cape isidumbu sikaDkt Mlambo Ngcuka

by | 26 November 2026

KULINDELEKE ukuthi isidumbu sowayeyisekela likaMengameli wezwe lokuqala lesifazane kuhulumeni wentando yeningi uDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka (71), sitheleke namuhla (ngoLwesine) e-Eastern Cape lapho ezofihlelwa khona.

UDkt Mlambo-Ngcuba ushone ngoLwesihlanu olwedlule. Uzofihlelwa eXesi, e-Eastern Cape okuyilapho eganele khona njengoba yena edabuka eClermont kwaZulu-Natal. Ushone esenguShansela wase-University of Johannesburg. Umndeni usihlangabeze eKing Phalo Airport isidumbu sakhe njengoba kulungiselelwa umfihlo wakhe ozoba ngoMgqibelo. Uhlonishwe ngomgcwabo kahulumeni osesigabeni sesibili. Kuleli sonto kukhunjulwe uDkt Mlambo-Ngcuka enkonzweni ebise-Our Lady of Lourdes Catholic Church eRivonia, eGoli.

AbakwaNgcuka bathe izinhlelo zokufihlwa kwakhe zimi ngomumo. Bathe balindele yonke inhlobo yomuntu njengoba ebengumuntu wabantu. Bathe balindele nobuholi bomdabu nobamabandla.

Emngcwabeni wakhe kulindeleke ukuthi uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ethule inkulumo ngempilo kaDkt Mlambo Ngcuka.

UDkt Mlambo Ngcuka waba yisekela likaMongameli lokuqala lesifazane kusaphethe uMengameli Thabo Mbeki. Amagalelo akhe awangatshazwa njengoba kukuningi akwenza futhi wayegqugquzela izinhlelo ezithuthukisa abesifazane. 

Ezisematheni

I-DA neMK Party basenethemba ngesobumeya eThekwini

I-DA neMK Party basenethemba ngesobumeya eThekwini

I-DEMOCRATIC Alliance ithi isenethemba ngokuthi izingxoxo zisengayivuna ukuphatha iTheku, nakuba iqina imibiko yokuhlangana kwe-MK Party, ANC, ActionSA ne-EFF, ukuphatha lo masipala omkhulu KwaZulu-Natal. NgoLwesibili uhlalile umhlangano wokuqala walo masipala,...

I-ATM ithi akuphelile ngolwePhala Phala

I-ATM ithi akuphelile ngolwePhala Phala

I-AFRICAN Transformation Movement (ATM), ithi izoxhumana nabameli bayo ukubheka izinyathelo zomthetho engazithatha ukuphikisa isinqumo senkantolo, sokuchitha umbiko wophenyo oluzimele, olwathola uMengameli uCyril Ramaphosa (osesithombeni), ukuthi kumele aphendule...