Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 UNgizwe ulahlwe ngamacala okuhlambalaza ungqongqoshe

UNgizwe ulahlwe ngamacala okuhlambalaza ungqongqoshe

by | 15 November 2025

ULAHLWE ngamacala uNgizwe Mchunu – owazakhela udumo engumsakazi woKhozi FM – njengoba iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu imphoqe ukuba ahoxise “izinhlamba” abethuka ngazo uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal.

UNgizwe ubebhekene namacala okuhlambalaza uButhelezi okubalwa kuwona ukumethuka ngezinhlamba ezesabekayo esidlangaleni, wamsola nangokuba ngumbulali ofuna ukuqeda ngempilo yakhe.

Inkantolo, ikhipha isinqumo ngoMsombuluko, inqumele uNgizwe izinsuku ezintathu ukuhoxisa izinkulumo zakhe azenza ezinkundleni zokuxhumana, azisuse zonke ekhasini lakhe. Phakathi kwamacala abeshushiswa ngawo, kukhona naleli alenza ngesikhathi kunemibhikisho yomphakathi eVryheid ngoMandulo (September), lapho ethuka khona uButhelezi ezinkundleni zokuxhumana, waze wayohlangana nomphakathi wakuleya ndawo, nakhona washiya angalazi.

Umphakathi wakule ndawo wawukhala ngokuthi umasipala wendawo ucisha ugesiekubeni uhulumeni sewaluvala uhlelo lokucishwa-kongiwa kwawo (load shedding). UButhelezi wanquma ukufaka udaba lokwethukwa kwakhe enkantolo.

Izinkulumo okuthiwa wazenza uNgizwe, ngokwesinqumo senkantolo, uzenze ngoMandulo mhla ka-11, u-25 no-26. Inkampani ephethe iFacebook neTiktok, iMeta Platforms – nayo iphoqiwe ukuba isuse zonke lezi zinkulumo zikaNgizwe ezinkundleni zakhe zokuxhumana.

Inkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi zonke izindleko zaleli cala mazikhokhwe nguNgizwe nenkampani iMeta Platforms. Ijaji uPillay lithe uNgizwe makangasaphinde asabalalise izinkulumo ezingamanga, zokuthi uButhelezi ufuna ukumbulala.

UNgizwe utshele ILANGA ukuthi ubengakawatholi amaphepha esinqumo senkantolo.


“Kakukho engikwaziyo mina,” kusho uNgizwe.

UNgizwe uke wahlasela uButhelezi ngenhlamba naphambilini, ethi uxova ubukhosi, kanti nangesikhathi (uButhelezi) eseyimeya kuMasipala wesiFunda iZululand (uNgizwe) ubejwayele umhlasela.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...