
UQHAKAMBISE ukulekelelwa ngumculi kamaskandi empumelelweni yakhe, umculi we-gospel, uLwando “Jumbo” Nyangiwe.
Lo mculi uthe konke akuzuzile empilweni, kungenxa kaKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose. Ukuveze lokhu ngoLwesibili kubo eMzimkhulu, emcimbini wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa.
Umcimbi ubuhanjelwe ngabaculi bakamaskandi okubalwa kubona uKhuzani, uBahubhe, uMayoghurt, uFalabo, uNavigator, uMjolisi nabe-gospel, okubalwa kubona u-Ayanda Ntanzi, uThinah Zungu, uSgwili nowayengumsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi.
UJumbo uthi usekwazile ukwakha umuzi wakubo, waba muhle ngenxa kaKhuzani, owamethula endimeni yamabhinca, wamupha isinkwa.
“Njengoba ngigubha usuku lwami lokuzalwa nje, ngithe mangibize uKhuzani ukuze ngimkhombise umuzi kababa, esengiwakhile, ngenxa yokulekelelwa nguyena.
“Imali eningi yokuqashwa kwami emculweni, ngiyithole ngemicimbi engethulwa kuyona nguKhuzani. Ukwazile ukungivulela imicimbi eminingi kumaskandi, wangenza umfowabo,kwesinye isikhathi bengifika emicimbini yamabhinca ngicule izingoma zakhe, ekubeni abantu belinde yena. Konke lokhu okuhle okubonakala emzini kababa, kungenxa yezithelo zakhe.”
“Ngibonga ukuthi ukwazile ukungenza umfowabo. namhlanje kawu-kho umcimbi kamaskandi owenzeka-yo engekho kuwona uJumbo. Kweminye imicimbi uma ebambekile uKhuzani, uyangithuma kuyona, athi mangiyombambela.
“Abalandeli bakhe bayangithanda, bayangihlonipha ngoba bayazi ukuthi ngiseduze kwenhliziyo yakhe,” kusho uJumbo.
Uthi usefana nomfowabo kaKhuza-ni, yingakho emumemile ngenhloso yokuyomkhombisa umuzi asewakhile kubo, eMzimkhulu. Uhlabise uKhuzani ngegusha, wathi ukunyathela kwakhe kubo kuyinto enkulu.
Ngakolunye uhlangothi, uKhuzani uthe ukwazana kwakhe noJumbo kwenzeke eminyakeni eminingi edlule.
Uthi ngesikhathi beqala ukubona-na, ubefika uJumbo ame ewindini lemoto yakhe uKhuzani, njengoba kwenza abalandeli uma bejabulela osaziwayo.
“Ngaleso sikhathi ubengakadumi emculweni. Afike anginike i-cd yakhe, acele ngimlalele, kwesinye isikhathi angiculele bukhoma nezi-ngoma zikamaskandi, kodwa bengimangazwa wukuthi lo muntu ungu-mculi we-gospel.
“Kuqale lapho ukuthi ngibone ikhono lakhe. Kuthe uma kudlula emhlabeni uSfiso Ncwane, okunguyena obekwazi ukufika emicimbini yama-bhinca anyakazise inkundla yonke, ngase ngiphakamisa igama lakhe uJumbo kwiMpucuzeko, ukuba abi-zwe, azibonakalise. Kuqale lapho-ke ukuthi izinto zakhe zihambe kahle endimeni kamaskandi,” kusho uKhuzani.
mthobisis@ilanganews.co.za







