
I-DEMOCRATIC Alliance ithi isenethemba ngokuthi izingxoxo zisengayivuna ukuphatha iTheku, nakuba iqina imibiko yokuhlangana kwe-MK Party, ANC, ActionSA ne-EFF, ukuphatha lo masipala omkhulu KwaZulu-Natal.
NgoLwesibili uhlalile umhlangano wokuqala walo masipala, afungiswa wonke amakhansela azo- mela amaqembu, kodwa lwasala ngaphandle uhlelo lokuvotela abazoba yizikhulu zawo, okubalwa imeya, yiphini lemeya nosomlomo.
Kulo mhlangano wokuqala amakhansela awu-213, aseke isiphakamiso esenziwe nguMnu Thabani Nyawose we-ANC, ophakamise ukuthi lo mhlangano ungaqhubeki nohlelo lokuqoka izikhulu ukuze kuphothulwe izingxoxo zamaqembu eziqhubekayo, okulindeleke ukuthi ziphothulwe ngokugcwele, maduze.
Ngaphambi kwalo mhlangano, imibiko ebisabalele ibivuna ubudlelwano beMK Party, i-ANC, i-ActionSA ne-EFF, ukuba la maqembu ahlangane ukwakha uhulumeni obumbene kulo masipala. Kuvele ukuthi nakuba okuningi bese kuvunyelwene kula maqembu, kodwa i-ANC yiyona ebisahlukene phakathi ngokuthi izohamba naluphi uhlangothi phakathi kwalolu oluneDA ne-IFP namanye amaqembu amancane.
Kulindeleke ukuba namhlanje ngoLwesine, uNobhala-Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula, acacise ngesinqumo nobudlelwano obuzothathwa yileli qembu ngokuhlanganyela ukuphatha omasipala elingabanga khona iqembu elilodwa elinqobile ngamalengiso.
Nakuba imibiko evuna ubudlelwano beMK Party, yi-ANC, yi-ActionSA ne-EFF isabalele, kodwa iDA iveze ukuthi lisekhona ithemba lokuthi imeya yeTheku kusengaba yilungu layo uMnu Haniff Hoosen. Umholi waleli qembu KwaZulu-Natal, uMnu Sithembiso Ngema, uthe iDA isanethemba ngobudlelwano enabo namaqembu angaphansi kukahulumeni wenhlanganisela ezweni lonke nasesifundazweni.
Uthe nakuba ubuholi baleli qembu buhlanganile neMK Party kusaqhubeka izingxoxo, kodwa kabakagudluki ekutheni ngeke basebenzisane nayo. Uthe nakuba uhlehlile umhlangano, kodwa basazimisele ukuqhubeka nokuphakamisa igama likaHoosen, kwesobumeya.







