Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 ISoweto Central Chorus idlulise awenduduzo ngenkakha yeMambazo

ISoweto Central Chorus idlulise awenduduzo ngenkakha yeMambazo

by | 7 April 2026

Iqembu lodumo iSoweto Central Chorus (SCC) libalwa nabanye abakhalisane nomndeni baphinde badlulisa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kwenkakha yeLadysmith Black Mambazo u-Albert Mazibuko (77).

UMazibuko obesethathe umhlala phansi ekunandiseni naleli qembu udlule emhlabeni ngeSonto kusihlwe ngemuva kokuxinwa wukugula isikhathi esifushane.

UMqondisi waleli qembu uManzini Zungu uzwakalise ubuhlungu ngokudlula kwale nkakha ayichaza njengebiqotho futhi inobuntu.

Uthe badumele ngalezi zindaba zokudlula kukaMazibuko njengoba ebeyilungu eliqavile kwiLadysmith Black Mambazo.

“Ubeyindoda enobuntu, enemfudumalo futhi ezinikele ebucikweni bomculo,” kuchaza uZungu.

Uveze ukuthi iSCC ibe nenhlanhla yokuthola ithuba lokusebenzisana neLadysmith Black Mambazo engomeni esihloko sithi Usuku Oluzayo.

“Silithokozele ithuba esilitholile lokuchitha isikhathi noMazibuko ngesikhathi sisazilungiselela ebandleni lethu eliseSoweto. Sigcine ukuba naye ngesikhathi iMambazo inandisa eThekwini emcimbi wayo weChristmas With Mambazo lapho ayefike khona njengesicukuthwane ezozibukela umcimbi nalapho ubukhona bakhe babukhombisa ukukhuthaza,” esho.

“Umsebenzi kaMazibuko emculweni uyohlale njalo ukhumbuleka njengoba eyibekile induku ebandla,” kuqhuba uZungu.

Uthe iSoweto Central Chorus idlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMazibuko kanjalo nakumalungu eMambazo nabo bonke abathintekile ngeqhaza lakhe emculweni.

Ingoma yaleli qembu neMambazo ingezinye zezingoma ezihamba phambili kuleli njengoba idlalwa kakhulu emisakazweni eyahlukene.

UMazibuko ubesaqhubeka nokuba insika yeMambazo nakuba ebesethathe umhlala phansi ekunandiseni naleli qembu.

Uchithe iminyaka engaphezulu kwewu-50 eyingxenye yeMambazo njengoba ebekhona kuzona zonke izindondo ze-Grammy ezike zathole yileli qembu.

UXolani Majozi oyiManenja yeMambazo uchaze uMazibuko njengenqolobane yayo ngenxa yokuba umbele ogwansile ngomlando waleli qembu.

Uthe uMazibuko ubehlale ezimisele ukudlulisela ulwazi kumalungu amasha aleli qembu kanjalo nakulabo abasakhula emculweni jikelele.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...