Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 ISoweto Central Chorus idlulise awenduduzo ngenkakha yeMambazo

ISoweto Central Chorus idlulise awenduduzo ngenkakha yeMambazo

by | 7 April 2026

Iqembu lodumo iSoweto Central Chorus (SCC) libalwa nabanye abakhalisane nomndeni baphinde badlulisa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kwenkakha yeLadysmith Black Mambazo u-Albert Mazibuko (77).

UMazibuko obesethathe umhlala phansi ekunandiseni naleli qembu udlule emhlabeni ngeSonto kusihlwe ngemuva kokuxinwa wukugula isikhathi esifushane.

UMqondisi waleli qembu uManzini Zungu uzwakalise ubuhlungu ngokudlula kwale nkakha ayichaza njengebiqotho futhi inobuntu.

Uthe badumele ngalezi zindaba zokudlula kukaMazibuko njengoba ebeyilungu eliqavile kwiLadysmith Black Mambazo.

“Ubeyindoda enobuntu, enemfudumalo futhi ezinikele ebucikweni bomculo,” kuchaza uZungu.

Uveze ukuthi iSCC ibe nenhlanhla yokuthola ithuba lokusebenzisana neLadysmith Black Mambazo engomeni esihloko sithi Usuku Oluzayo.

“Silithokozele ithuba esilitholile lokuchitha isikhathi noMazibuko ngesikhathi sisazilungiselela ebandleni lethu eliseSoweto. Sigcine ukuba naye ngesikhathi iMambazo inandisa eThekwini emcimbi wayo weChristmas With Mambazo lapho ayefike khona njengesicukuthwane ezozibukela umcimbi nalapho ubukhona bakhe babukhombisa ukukhuthaza,” esho.

“Umsebenzi kaMazibuko emculweni uyohlale njalo ukhumbuleka njengoba eyibekile induku ebandla,” kuqhuba uZungu.

Uthe iSoweto Central Chorus idlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMazibuko kanjalo nakumalungu eMambazo nabo bonke abathintekile ngeqhaza lakhe emculweni.

Ingoma yaleli qembu neMambazo ingezinye zezingoma ezihamba phambili kuleli njengoba idlalwa kakhulu emisakazweni eyahlukene.

UMazibuko ubesaqhubeka nokuba insika yeMambazo nakuba ebesethathe umhlala phansi ekunandiseni naleli qembu.

Uchithe iminyaka engaphezulu kwewu-50 eyingxenye yeMambazo njengoba ebekhona kuzona zonke izindondo ze-Grammy ezike zathole yileli qembu.

UXolani Majozi oyiManenja yeMambazo uchaze uMazibuko njengenqolobane yayo ngenxa yokuba umbele ogwansile ngomlando waleli qembu.

Uthe uMazibuko ubehlale ezimisele ukudlulisela ulwazi kumalungu amasha aleli qembu kanjalo nakulabo abasakhula emculweni jikelele.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...