Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

by | 1 February 2026

UCHAZWE njengesibusiso esikoleni samabanga aphakeme Inanda Newtown Comprehensive High School usomabhizinisi onikele ngesamba sikaR200 000 ukusiza abafundi abadinga usizo nezidingo zesikole.

UMnu Sandile Msomi ongumnikazi wezinkampani iQiniso Protection Services neNethezeka Trading sekungokwesibili iminyaka ilandelana ephenduka uMsamariya ocwebileyo kulesi sikole.

Ngonyaka owedlule wagixabeza lesi sikole ngo-R100 000 waphinde wasixhasa nangamajezi ebhola likanobhutshuzwayo (soccer) nelomnqakiswano (netball) waphinde wathengela nabadlali amakhokho namateki.

Kulo nyaka uyiphinde kabili imali yoxhaso lwangonyaka owedlule waphinde waxhasa nomcimbi obungoLwesihlanu wokuklomelisa abafundi abenze kahle kulesi sikole.

Ekhuluma ngokunikela kulesi sikole uMsomi uthe okumenze waxhasa lesi sikole yingoba ufunde kusona futhi uyabuqonda ubunzima nosizi obubhekana nabanye babafundi abafunda.

Uthe ubone kufanele ukuthi abuyisele kulesi sikole njengoba sisenhliziyweni yakhe futhi ezimisele ukuthi abe wusizo kusona ngesibusiso abusiswe ngaso.

Uthe ngalolu xhaso ufisa ukugqugquzela abafundi ukuba bakhuthazeke ukuba baphokophele empilwe bangagxili ezintweni ezimbi ezenzekalayo nalezo ezidumisa Inanda kabi.

Uveze ukuthi uyafisa nabanye abantu babone ukuthi nakuba Inanda idume ngezinto ezimbi kodwa kukhona okuhle okwenzeka khona.

UMsomi uveze ukuthi sekuneminyaka enikelela kulesi sikole nakuma kugqame ngonyaka owedlule kodwa usebe wusizo kusona isikhathi eside.

UThishomkhulu walesi sikole uMnu Thulile Khumalo uchaze uMsomi njengesibusiso kusona ikakhulukazi njengoba uMnyango wezeMfundo usabhekene nezinkinga zezimali futhi bengalitholi uxhaso kuwona.

Uthe lolu xhaso lukaMsomi luzodlala indima emqoka njengoba luzokwazi ukubheka labo bafundi abenze kahle ku-matric ngonyaka owedlule abafuna ukubhalisa ngaphambi kokuthi kuze kulunge uxhaso lwe-NSFAS.

Uthe luzophinde lubheke nabanye abafundi abakhona ngaphakathi esikoleni ngemifaniswano yesikole nokunye abangasizakala ngakho.

Emcimbini wangoLwesihlanu abafundi abenze kahle baklonyeliswe ngezitifiketi, ama-medal nezindondo ukubagqugquzela.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...