Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inhloko yophenyo kwi-IDAC imfaka ngaphansi kwebhasi u-Adv Johnson

Inhloko yophenyo kwi-IDAC imfaka ngaphansi kwebhasi u-Adv Johnson

by | 6 August 2026


INHLOKO esingethe ezophenyo ophikweni lwezokushushisa i-Investigative Directorate Against Corruption (IDAC), uMnu Matthews Sesoko (osesithombeni), isitshele iKhomishini kaMadlanga ukuthi usemthethweni umqingo olawula ukusebenza kwalolu phiko, njengoba owayeyisikhulu salo u-Adv Andrea Johnson awuchitha.

USesoko uveze ukuthi okwakushiwo nguJohnson kule khomishini bekungelona iqiniso njengoba eqinisekise ukuthi iwona umqingo osemthethweni abasebenza ngawo. Utshele ikhomishini ukuthi lo mqingo wasayinwa nguyena no-Adv Johnson.

Kulo mqingo kulapho kuqinisekiswa khona ukuthi kube yinto engafihliwe ukukhethwa kwamacala azosingathwa wuphiko futhi kungabi nokugxambukela kwabawaphenyayo kwi-IDAC, kungaqanjwa namanga. Kuwona kuphinde kucaciswe ukuthi kumele kubekhona nomazisi womuntu osuke ephenya lelo cala futhi kube nezizathu ezinqala uma umphenyi ecabanga ukulihoxisa noma ukulesula icala.

Kuphinde kwavela ukuthi uphenyo lukaSection 27 olwasetshenziswayo ukubopha izikhulu zamaphoyisa eCrime Intelligence, okuhamba phambili uLt-General Dumisani Khumalo, akazange aziswe uSesoko ngalo, yize kunguyena oyinhloko yezophenyo lwe-IDAC.

Uthe futhi awukho umthetho kulo mqingo othi kumele abaphenyi abayinhloko bangaziswa ngezigaba ezithile zophenyo njengoba u-Adv Johnson ayethe kwakuwudaba olulula kwikhomishini.

Ezisematheni

Bazokhumbula iNdidane abeMpucuzeko

Bazokhumbula iNdidane abeMpucuzeko

IZOKWENZA konke okusemandleni ukuvuselela amagalelo owayeyisilomo sikamaskandi uMtshengiseni “iNdi- dane” Gcwensa (ongasekho), iMpucuzeko Maskandi Festival. Lokhu kuvezwe ngumhleli wayo uMnu Xolani Mcineka ngoLwesibili ebusuku eKZN Music House, eThekwini, kwethulwa...

Umlingisi nesithangami sabesifazane eMthwalume

Umlingisi nesithangami sabesifazane eMthwalume

INKAKHA yomlingisi uBaby Cele uhlose ukufukula intsha nabesifazane emncintiswaneni we-netball obizwa ngeBaby Cele's Royal Beach Netball Cup ozoba soThuthwini, eMthwalume mhla ka 09 August, ngeSonto. Lo mlingisi uthi umdlalo we-netball ukhule ewuthanda nakuba engazange...

Lunqunywe ngokusemthethweni olokhetho luka 2026

Lunqunywe ngokusemthethweni olokhetho luka 2026

SEKUSEMTHETHWENI ukuthi ukhetho loHulumeni baseKhaya lakulonyaka luzokuba ngomhlaka 4 kuNovember. Lokhu kuza ngemuva kokuba uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuzwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, esayine ngokusemthethweni lolu suku njengolokusingatha...