Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ukushayela amatekisi kakuliqedanga iphupho lokuba ngumlingisi

Ukushayela amatekisi kakuliqedanga iphupho lokuba ngumlingisi

by | 17 April 2025

UKUBA ngumshayeli wamatekisi iminyaka, kakuzange kuliqede iphupho lokuba ngumlingisi kuSiphosethu Mabaso osematheni kulezi zinsuku ngendawo ayidlalayo emdlalweni osanda kuqala kumabonakude iThonga, okhonjiswa kuMzansi Magic Channel 161 phakathi nezinsuku.

UMabaso odlala indawo kaNqobizitha Pabo Ntanzi, utshele ILANGA ukuthi uyaqala ukudlala indawo enkulu emdlalweni kamabonakude, kusukela aqala ukungena kulo mkhakha ngo-2018 edlala kuZalo njengomlingisi ongakhulumi.

Udlala indawo esatshwayo kulo mdlalo, uthi ukungena kwakhe kulo mkhakha akubanga wuhambo olulula, kumthathe iminyaka esafuna ukuthola ulwazi lokungena kuwona.

“Ngishayele amatekisi ngoba isisu singakweletwa kodwa nalabo ebengikhula nabo, bayazi ukuthi inhliziyo nesifiso sami bekuwukungena kwezokulingisa,” kusho lo mlingisi ozalelwe eNtshongweni kodwa wakhulela eNtshanga.

Uthi nakhona ematekisi wawashayela wagcina eseshayela amaloli ukuze akwazi ukuphilisa umndeni wakhe.

“Bengazi ukuthi lokhu engikwenzayo akukhona engifuna ukukwenza impilo yami yonke,” kusho yena.
UMabaso oseke wabonakala emdlalweni okubalwa kuyo iDurban Gen, Diep City, Smoke & Mirrors, iThemba, Umjolo neminye.

UMabaso utshele leli phephandaba ukuthi emidlalweni aseke abonakala kuyona abantu bamazi njengomfundisi njengoba eseke wayilingisa le ndawo emidlalweni emithathu. Useke wabonakala elingisa le ndawo kwiSmoke&Mirrors, iThemba nakuMjolo.

“Ukuba wumfundisi bese kuqala ukungilandela ngaphambi kokuthi ngithole le ndawo,” kusho yena.

Uthi ungumuntu okholwayo futhi okhulele ebandleni amaRoma kodwa manje useqala ukukhonza kweyamaNazaretha eBuhleni ngaphansi koNyazi LweZulu.

“Ngibonile ukuthi inkonzo yamaNazaretha iyona engihambisana nayo, ingakho sengikhetha yona,” kusho yena.

Uthi umsebenzi wokulingisa kwi-Thonga wawunikelela ngaphambi kokuthi leli bandla linyukele entabeni ngoMasingana.

“Kuke kwabheda sengingenile kulo mkhakha nokuthe kusenjalo ngaxinwa wukugula okwaphoqa ukuba ngiyohlinzwa. Lona ngumsebenzi wami wokuqala ngemuva kokuba ngihlinziwe,” echaza.

Uthi ngesikhathi engasebenzi izinto zingamhambeli kahle, ushintshe imoto yakhe wayenza imoto ekhokhelwa ngebanga (Uber), wazishayelela yena.

Utshele leli phephandaba ukuthi ngeke alikhohlwe usuku athola ngalo ucingo lokungena kwiThonga, uthi wafonelwa elayishe umuntu.

“Angijwayele ukubamba ucingo uma ngilayishe umuntu kodwa ngaleliya langa kwaba khona into eyangitshela ukuthi mangicele ngilibambe. Nebala lavuma ikhasimende, kwaba sekuwukushintsha kwempilo,” kusho yena.

Uthi ukuthola le ndawo kuyishintshile impilo yakhe, uyaqala ukulingisa indawo enkulu emdlalweni owuchungechunge.

Uthe indawo ayilingisayo isazomangaza abaningi uPabo uyindoda enezimfihlo eziningi futhi esazoshiya abantu bethukile.

“Nami ngiyayisaba le ndoda ngoba ngibuye ngingayiqondi kahle ngendlela ecabanga ngayo neyenza ngayo izinto,” usho kanje.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...