Ilanga News
Home 9 Featured 9 URamaphosa namaqhinga okulwa nokubulawa kwabesifazane

URamaphosa namaqhinga okulwa nokubulawa kwabesifazane

by | 29 September 2026

UMENGAMELI wezwe uMnu Cyril Ramaphosa usezibophezele ezintweni ezine okumele bazenze njengohulumeni ukulwa nokuhlukunyezwa  kwabesifazane ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ngoLwesibili.

URamaphosa uthule le nkulumo emva kokwanda kwezigameko zokubulawa kwabesifazane eKurhuleni. Ezintweni azibalile ukuthi bazozibhekisisa  indaba yamacala angaxazululeki ngenxa yokungatholakali komkhondo, ukuphepha kwabesifazane, ukubheka izindawo eziyingozi  nokuthi kusheshe kuphothulwe amacala okuhlukunyezwa kwabesifazane.

Uthe uPhiko lwezokuShushisa kuzwelonke kumele lube selunezimpendulo emva kwezinsuku ezingu-60 ngamacala okuhlunyezwa kwabesifazane. Wathi akumele kuzitshwe udlame lwasemakhaya ngenxa yokuthi abanye besilisa bazitshela ukuthi banelungelo lokwenza noma yini kwabesifazane ngoba kuyibona abondlayo noma abanemali.

“Abesifazane kumele bavikelwe bangahlukunyezwa. Njengohulumeni asikenzi okwanele ukubavikela abesifazane.  Eminyakeni eyisikhombisa edlule ngangikhuluma into efanayo. Njengamanje sekuyizisulu ezintsha kodwa amacala kuseyilawo ayenziwa ngaleso sikhathi.  Bonke omasipala kumele  babe sebekwazile ukuveza zonke izindawo eziyingozi ezindaweni zabo ezinsukwini ezingu-90 ukunqanda lobu bugebengu,” esho.

Uthe kusungulwe uphenyo olunzulu olungaphansi kweSekela likaKhomishana wamaPhoyisa kaZwelonke ukuqinisekisa ukuthi kubanjwa umenzi wobubi. Okwamanje uthe akukho okuveza ukuthi lezi zigameko zenziwa umuntu oyedwa yini. Uthe izinsiza zokuthi kuliwe nalama cala sezengeziwe. Lokho uthe kuzovela ngesikhathi uNgqongqoshe weMali esethula isabelo mali sakhe. Izinkantolo ezibheke amacala athinta ucansi uthe zandisiwe. Izikhungo zeThuthuzela uthe ziyaqhubeka nokunyanga, ukululeka ngokomqondo nosizo lwezomthetho kwabasindile.

Ezinye izinto azibaliule ukuthi unxuse uNgqongqoshe wamaPhoyisa noNgqongqoshe wezoBulungiswa besebenzisana noPhiko lwamaphoyisa iSouth African Police Services (SAPS), uPhiko lwezokuShushisa kuZwelonke ukuthi babhekisise amacala angaxazululiwe okubulala, ukuzama ukubulala, awokudlwengula athinta ucansi kwabesifazane nezingane.

Ezisematheni

Isililo ngegoso elibhubhe namagidangoma engozini

Isililo ngegoso elibhubhe namagidangoma engozini

YIGOSO uNhlonipho "Thustabane" Dlamini nelinye lamagidangoma, uSifundo Magagula. UGQEMEKE ingozi engeqiwa ntwala umndeni wegoso uNhlonipho “Thustabane” Dlamini (32), waseMdletsheni, eMzinene, oshe wangqongqa nabayishumi abebegida nabo ingoma esehlakalweni...

Aphume ngobuningi amadoda eyohlolelwa umdlavuza

Aphume ngobuningi amadoda eyohlolelwa umdlavuza

BAGQUGQUZELEKE basukuma abesilisa ngesikhathi benxenxwa ukuthi bahlolelwe umdlavuza wendlala yesinye mahhala, eMlazi Comtech esigcemeni sakwaS eMlazi ngoMgqibelo. UMnu Dumisani Pakkies weTEMPUDU Foundations ubonge abantu baseMlazi ngokulalela bese beyahlolwa. Uthi...

Usethembe uNyazi owodumo lomgangela olimale engcweka

Usethembe uNyazi owodumo lomgangela olimale engcweka

SIZISOLA ngokungamlaleli uyise “isiqhwaga” esizakhele igama emdlalweni wenduku (umgangela) kule minyaka eyedlule, uMnu Khwishi Ngema, sithola “ukukhubazeka” ngenxa yalo mdlalo. UNgema (31), ongowokudabuka esigodini saseMatshansundu, eMelmoth, ugwazeke ngobhoko...